IZINGWEVU ze-ANC zibhodla umlilo ngokufakwa kwegama lomdidiyeli wemidlalo yethelevishini, uDuma KaNdlovu, kubantu abazobungazwa nguMengameli wezwe ngo-Ephreli 27.
UNdlovu, ongumsunguli weMbewu, Uzalo, Muvhango noMkhokha, uzoklonyeliswa ngendondo yethusi ye-Order of Ikhamanga ngeqhaza lakhe emunxeni wokukhiqizwa kwamafilimu.
Abe-ANC Veterans League bakhala ngokuthi ukuhlonishwa kukaNdlovu kuzokwehlisa isithunzi sale miklomelo njengoba ethinteka ekulawulweni kombuso yidlanzana kweNingizimu Afrika njengoba eseke wavela phambi kweKhomishini kaJaji Raymond Zondo.
Ekhuluma kwiNewzroom Afrika, uMnuz Mavuso Msimang, uthe bashaqekile ukuthi umklomelo osezingeni eliphezulu kangaka unikezwe umuntu othinteka ekulawulweni kwenhlangano ebhekene nokuqoqa imali kuleli, i-SA Revenue Services.
Uthe lokhu kwenzeka ngesikhathi esimbi lapho iNingizimu Afrika ikhungethwe yinkohlakalo.
"UZondo waphakamisa ukuthi umuntu ophenywayo ayiswe oPhikweni lwezokuShushisa ngalezi zinsolo. Noma ngabe kwakungaphansi kwasiphi isimo, akakwazi umuntu osolwayo ukuthi aklonyeliswe ngumengameli ngomklomelo onesithunzi kangaka, kuze kuba ukhishwa phambili.
“Kwehlisa isithunzi sale miklomelo. Kubi kabi ukwenza lokho ngesikhathi esinjengalesi lapho kusaliwa nenkohlakalo ebhokile kuleli," kusho uMsimang.
Isolezwe NgoMgqibelo lithole ukuthi umengameli weANC Veterans League, uMnuz Snuki Zikalala, ubhalele uMqondisi-Jikelele eHhovisi likaRamaphosa ekhala ngokufakwa kukaNdlovu ngenxa yokuthi lizocekela phansi isithunzi salo mklomelo.
Ucashunwe ethi bahlanganile njengobuholi balolu phiko, badingida kabanzi ngoNdlovu njengoba inkampani yakhe ithinteka ekusebenzeleni inkampani ebizwa ngeBain.
UZikalala uthe bathathe isinqumo sokuthi kwaziswe uBaleni ngokuthi kuhoxiswe igama likaNdlovu kule miklomelo kuze kuba utholakala emsulwa emacaleni asolwa ngawo. Imizamo yokuthola ukuphawula kukaNdlovu noBaleni ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.