INDODA edume ngesithembu KwaZulu-Natal uMusa Mseleku, egqame ohlelweni lukamabonakude, Uthando Nesithembu nakoluthi Mnakwethu, inxuse amadoda aganiwe ukuthi asike iphethini kumdlali wePSG, u-Aschraf Hakimi.
“Amadoda awathole isifundo kulo mdlali, uHakimi. Ukuze ngelinye ilanga uma ebhekana nesimo esifana nalesi, azi ukuthi ayophuma kanjani. Ukuze imindeni nesizukulwalane singahlupheki. Asingagcini nje ngokubuka udaba lwalo mdlali, kodwa asifunde kulona”, kusho uMseleku.
UMseleku osho, lokhu enze i-video ezinkundleni zokuxhumana. Uthe ayikho into ebuhlungu njengo kuganwa wumuntu wesifazane ongezile ukuzovusa umuzi. Lo mdlali ukube akabhalisanga umcebo wakhe ngonina ngabe ulimele.
Uphinde waveza ukuthi kubalulekile ukuthi uma indoda isifuna ukuganwa iqaphele ukuthi ithatha umuntu wesifazane onjani. Amadoda engenzi izinto ngokugajwa wuthando.
UHakimi, odlala kwiligi yaseFrance, usanda kuba sematheni ezinkundleni zokuxhumana obengumkakhe efaka incwadi yesihlukaniso. Kule ncwadi obengunkosikazi wakhe, uNksz Hiba Abouk, ufune ingxenye yomcebo walo mdlali odabuka eMorroco.
Kubikwa ukuthi inkantolo ithole ukuthi awukho umcebo obhaliswe ngaphansi kwegama lalo mdlali, ngisho nasebhange akukho ngisho isenti. Konke kubhaliswe ngaphansi kwegama likanina, uNksz Sida Mouh.
Ngokwemibiko esabalele ezinkundleni zokuxhumana, uNksz Abouk, wafaka incwadi yesehlukaniso emva kwezinsolo zokudlwengula ezithinta lo mdlali.