SEKUQUBUKE umsindo ezinkundleni zokuxhumana kusabalala ivideo yomethuli wezinhlelo zethelevishini ebhuquzisa ozwakala emsakazweni. Abantu sebeqalile ukuphawula ngevideo okuthiwa ithathwe eWhite Lounge, eSunninghil eGoli, eveza uMoshe Ndiki osolwa ngokuthi ushaye uMusa Khawula obuye azwakale kuKhozi FM ethula umgosi wosaziwayo.
Yize le video esabalele kwiTwitter nakwifacebook iphelezelwa izincazelo ezehlukene kodwa abantu abaningi bathi yize bebengekho kodwa uMoshe bamkhipha phambili. Kuzokhumbuleka ukuthi uMusa njengoba esebenza ngosaziwayo uvamise ukupotshoza izindaba zabo nokwenza nabalandeli babo bagcine sebezwelana nabo. Yize ezinye izindaba ezivezwa uMusa zisuke ziyiqiniso kodwa abantu bashaya amakhala ngokubuye ashaye eceleni ekubeni kudicilela phansi isithunzi sosaziwayo. Ngezinye zezizathu ezenza iningi labantu likuthakasele ukuvela kwezinsolo zokuthi usinde uMoshe esho ukumqeda ngenduku.
"Moshe ithuba olitholayo umshaye," kusho u-Afrika.
"Angihambisani nokushaywa komuntu kodwa ngingakuMoshe Ndiki kulokhu bandla," kusho uMich.
"Angigqugquzeli udlame kodwa uMoshe bekumele amshaye kakhulu uMusa uyisiqhwaga," kusho uTNM.
UMusa uveze ukuthi uMoshe ngesikhathi ezama ukumbhozomela akazange aziphindiselele. Yize kunjalo abantu abaningi babukeka bengazwelani naye kulokhu. UMoshe akukhona okokuqala esolwa ngokuba nodlame kwabanye abantu njengoba nowayeyisinqandamathe sakhe phambilini uPhelo wake wambeka izinsolo ezifanayo.
Lo msindo sewuholele ekutheni kuvumbuke ne-petition abanye abathi kumele isayinwe ukuqedela uMoshe umsebenzi kwithelevishini. Nakhona kusalokhu kuhlukene imibono kubantu ngokusayinwa kwayo. Selokhu kwenzeke lokhu uMoshe ubengakathi vu ngalezi zinsolo.