UMBHISHOBHI Vusi Dube, uhlambulukile ngokuthi kuyenzeka athinte ophuzweni olunamandla, kwesinye isikhathi.
UDube ubekhuluma kwiPodcast with Kini, waveza ukuthi akanankinga nokuhlala nabantu abaphuza utshwala.
“Kuyenzeka ngiphuze iwayini. Ngisho ngiyodla ngaphandle ezindaweni zokudla, ngiyaliphuza iwayini. Ngiphuza iwayini kuphela ngenxa yezizathu zempilo ngoba kubalulekile ukuthi ubuye uliphuze. Ngivamise ukuphuza elibomvu, angiwuphuzi ugologo,” kuchaza uMbhishobhi Dube.
Ukhulume ngezinto eziningi noKini eveza nokuthi bebengenza kangcono beyi-ANC okhethweni, ukube bayisukumela ngendlela efanele indaba yebandla lamaNazaretha, aze ayisana enkantolo ngenxa yombango wobuholi bebandla. Wathi olunye udaba obekumele balusukumele ngolwaseNdlunkulu, nalo ababona ukuthi lubashayile. Embuza uKini ngobudlelwano bakhe noMengameli wezwe uCyril Ramaphosa, uphendule wathi ukweseka kwakhe owayengumengameli, uJacob Zuma akusho ukuthi akamthandi uRamaphosa.
“URamaphosa uke wavakashela e-ECC sibizana ngoSbali njengoba unkosikazi wami engowaseVenda, sikahle kakhulu,” kubeka uDube.
Kwenzeka lokhu nje, uDube ubenomcimbi wesidlo sakusihlwa ngoLwesihlanu ebusuku e-ECC. Kulo mcimbi umeme osomabhizinisi nabamabandla ahlukene ngenhloso yokuzodingida isimo somnotho ngoba bahlose ukufukulana bengamabandla.
“ Inhloso yale Business Empowerment Dinner, ukuthi sithuthukisane kwezomnotho emabandleni futhi sakhe umnotho wethu ngokubambisana singamakholwa. Njengoba bekungowokuqala usuzobakhona njalo ngalesi sikhathi minyaka yonke. Njengoba ubekhona ebandleni lami sivumelene ngokuthi uzosingathwa nangabanye abefundisi abayingxenye yawo ezindaweni zabo uma bedinga uze kubona,” kusho uDube.
Izikhulumi bekunguMfu Nhlanhla Khambule weHouse of Christ eseMgungundlovu, nosomabhizinisi uMnuz Rick Netshiozwi. UNetshiozwi uqale ukusebenza namabandla ngo-2009, uqinisekisa ukuthuthuka kwamabandla ase-Afrika, kwezamabhizinisi nokuhambisana nesikhathi.