USAZIWAYO odume ngokuzikhanyisa isikhumba nangokuthanda izinto eziphezulu, uKhanyi Mbau usexwayisa abesifazane ngemikhiqizo yokuzikhanyisa isikhumba athi iyasiyebula. UKhanyi Mbau useqale inkundla yokucobelela abantu abansundu abazishintsha ibala ngenhloso yokukhanyisa isikhumba sabo. Lokhu ukuqale ezinkundleni zokuxhumana esebenzisa ikhasi lakhe kwi-Instagram nakubiza nge-The Art of Skin Lightening.
Yize ekubeke kwacaca ukuthi akayena ungoti noma udokotela wesikhumba kodwa uthi abantu ubaxwayisa ngezimo adlule kuzo naye. Uxwayisa ngemikhiqizo eyobula isikhumba kuze kuqhanse imithambo noma siphucuke sibe bomvu. Uveze ukuthi imikhiqizo yokuziphala isikhumba egcwele amakhemikhali igcina isiphenduka isitha esikhumbeni somuntu ikakhulu uma kunelanga. Amaqupha noma izandla yikhona aveze ukuthi konakala kakhulu ngoba kunesikhumba esiqinile bese nezithako ezinamakhemikhali zifakwa kakhulu.
" Ngokwesipiliyoni sami nendlela engibuka ngayo, indlela yakho yokuphila kumele uyibeke phambili. Uma ungena emotweni ushayela, izandla zakho zitholwa ilanga bese le mikhiqizo ivuthwe ilanga,"kusho uKhanyi.
Eqhuba uthe abantu abaqikelele uma kuke kwaqala ukukhanya sakusha kwesikhumba sibe pinky noma sibe bomvu kusuke sekonakele. Kusuke sekumele bayiyeke leyo mikhiqizo abayisebenzisayo.
Lo saziwayo kuke kwahlekiswa ngaye kakhulu phambilini nasezinkundleni zokuxhuma, kuthiwa isikhumba sakhe sesifana nse nomkhwepha wenkukhu ongaphekiwe. Uphinde waxwayisa nangemithambo evela esikhumbeni uma umuntu eseziphale kakhulu ngemikhiqizo yokuzishintsha ibala.
"Kuqala ihlobo manje, shintsha izigcobo zakho ngoba ihlobo nobusika akufani. Ngeke wasebenzisa imikhiqizo efanayo. Kufanele uyishintshe isikhumba singakaqali ukuba nezinkinga," kusho uKhanyi.
Ungoti wesikhumba nezobuhle uNkk Futhi Mkhize woBuhle Beauty Academy nemikhiqizo yemvelo iNgimnyama Ngimuhle, uveze ukuthi babhekene nenkinga yabantu besimame abaphelelwe okubizwa nge-Epidermis ngenxa yokuzishintsha ibala ngemikhiqizo enamakhemikhali. Lokhu uthi kwenza umsebenzi wabo ube nzima ngoba uma isikhumba sesidlekile yaphela nya, ayikho into engayibuyisa.
"Sihlale sisho ukuthi le mkhiqizo ifakwa i- hydroquinine edla i-epidermis okuyisikhumba esibalulekile emzimbeni womuntu. Iningi labantu selivele ngisho imithambo ngaphandle okuyingozi enkulu ngoba eminye yayo akumele itholwe iyilanga. Lomkhuba wokuzishintsha isikhumba awusebenzi kunalokho udala omningi umonakalo ngenxa yezithako ezisetshenziswa kuyo eqeda lonke uhlobo lwesikhumba esivikela umuntu emsebeni yelanga," kusho uNkk Mkhize.