USESABISE ngokugeqa amagula ngezindaba zangasese zikaBlack Coffee uMbali Mlotshwa kulandela ukuchithwa yinkantolo yemantshi eRandburg ecaleni abemsola ngalo lokumshaya.
Lo mlingisi owazakhela udumo kwiTshisa ukhihle esikaNandi echazela abalandeli bakhe ukuthi inkantolo ichithe isicelo sakhe sokuvikelwa kuBlack Coffee. Uthe ngenxa yokuhluleka enkantolo, uyaphoqeleka ukuthi aphumele obala “ngokuhlukumezeka” emshadweni wabo.
“Ngizonitshela yonke into, sengiyivikele isikhathi eside le ndoda (uBlack Coffee). Uqambe amanga enkantolo wathi ungene ngaphansi kwengalo yami. Emude kangaka? Wazi kahle ukuthi ungishayile futhi wangiphusha sisemzini wethu,” kusho u-Enhle Mbali obekubonakala ukuthi udinwe uyaveva ekhuluma bukhoma ku-Instagram.
Uqhube wathi izinxushunxushu zabo sezihlukumeza nezingane ngokomqondo njengoba bedivosa. Uthe phakathi kwezinto ezithikameza izingane ukuthola ukuthi ziyalanywa ngaphandle.
UMbali uthe uzobiza isithangami nabezindaba maduze lapho azokhiqiza khona ubufakazi ngokuhlukunyezwa wuBlack Coffee.
Ekhasini lakhe kuTwitter uBlack Coffee uphendule ngokubonga abamesekile kulolu daba edalula ukuthi ihoxisiwe incwadi ebimvimba ekuhlanganeni noMbali ngokunjalo nokuya emzini wabo.
“Ngiyabonga kubo bonke abangesekile. Ngo-Ephreli ngabhala kuTwitter ukuthi angikaze futhi angisoze ngambeka isandla uMbali. Ngakwenza lokhu ukuze ngilungise ayesekusho ngami. Ngakhetha ukuthula emva kwalokho ngethemba ingalo yomthetho kuleli,” usho kanje.