UNKOSIKAZI wodumo lohlelo lwesithembu okuvele ukuthi uyashiya emshadweni uthi akakweleti muntu incanzelo ngokwenzeka emshadweni wakhe. UNokukhanya MaYeni Mseleku usho kanje kwivideo ayiqophe echitha izinsolo ezisabalale ngempelasonto zokuthi uyehlukanisa noMusa Mseleku wodumo lohlelo uThando Nesithembu. Laba bashadikazi baziqophe ivideo bephika ukuthi baxabane futhi banezinkinga ezingaholela ekutheni baze bahlukanise.
UMaYeni uthe uyasola kukhona nesandla sesithathu okungenzeka ukuthi umnakwabo thizeni ongaziwa oputshuze lezi zindaba athe zingamampunge. "Ngiyasola ukuthi uthunywe isancinza esingangiphiwe. Sibone ukuthi kuzosilungela uma sigudluza lana," kusho uMaYeni. Ukugcizelele ukuthi akunasidingo sokuthi elokhu echaza ngokuthi zihamba kanjani izinto phakathi kwakhe nomyeni wakhe ngoba akudingi muntu lokho.
UMaYeni ubesho konke lokhu egone kumyeni wakhe kubonakala ukuthi konke kuhamba kahle. UMseleku uthe kuyadumaza ukuthi kubikwa ngezinto ezingolona iqiniso ngabo. Uveze nokuthi ziningi izinkinga ababhekene nazo nabantu abaqola ngegama labo nokuyinto afisa kuxwayiswe abantu ngayo kungabhekwa ezothando lwabo. Akagcinanga lapho ubuye waveza ukuthi uzobathathela izinyathelo zomthetho labo abalokhu besabalalisa amanga ngomndeni wakhe.