UMNDENI womculi kamaskandi oyingxenye yabantu abayishumi ababulawe wumlilo ngesikhathi kusha imijondolo yaseKersene, eGoli, awazi uzothathani uhlanganise nani ukuze ungcwabe umufi. USphamandla Buhlebuyeza "Shobalevangeli" Dlamini (25) ushonele esibhedlela eChris Hani Baragwanath emuva kokudluliselwa kuso yiCharlotte Maxeke Hospital.
Udadewabo kamufi, uThembelihle Dlamini uthe uShobalevangeli washa ngesikhathi umlilo ungqongqisa imijondolo engakwaMai Mai. "Yena uphuthunyiswe esibhedlela eCharlotte Maxeke lapho efakwe khona egunjini labagula kakhulu. Sathintwa wumngani wakhe kuFacebook esazisa ukuthi umfowethu wehlelwe yilesi sigameko. Kuphoqelekile ukuthi sisuke ekhaya eSwatini silibangise eNingizimu Afrika. Sithe uma sifika esibhedlela iCharlotte Maxeke kwathiwa usedluliselwe eBaragwanath lapho simthole khona esegunjini labagula kakhulu." Uthe kuthe ekuseni ngezithuba zabo-2 ekuseni bathola ucingo olibabikela ukuthi uShobalevangeli usedlulile emhlabeni. UThembelihle uthe inkinga abanayo ukuthi kudingeka imali ewu-R18 000 ukuze bahambise isidumbu sikaShobalevangeli endaweni adabuka kuyo eNhlangano, eSwatini. "Kufanele simhambise kusasa (esho ngoLwesihlanu) ukuze simfihle ngoMgqibelo," kusho uThembelihle.
Kulesi sibhicongo uShobalevangeli udlule emhlabeni nabantu abangu-9, okubalwa nosana. Ngokusho kokhulumela abezimo eziphuthumayo eGoli, uNana Radebe, imijondolo ishe ngezithuba zabo-4 ekuseni.
UShobalevangeni udabuka endaweni yaseNhlangano, eSwatini. Uqale ukuqopha nge-albhamu esihloko sithi Mr Shelembe (2019), okuyicwecwe aqokwa ngalo emqhudelwaneni womculo eSwatini iMTN SWAMA AWARDS 2020 emunxeni weBest Maskandi. Nyakenye ukhiphe i-albhamu esihloko sithi Ngathatha Umsakazi. UShobalevangeli ubaziwa kuleli naseSwatini njengoba uke wacula ngokuhlanganyela noMdumazi Mhlongo waseMtubatuba neJongelihle lakwaNongoma. Naye ubengcweka nozakwabo abadabuka naye eSwatini uMajalibhunu.