UMCULI kamaskandi oyinxusa lenkampani yezimpahla zokugqoka iCrawl, uSanele "Igcokama Elihle" Dzanibe, uphume ngesamagundane emqashweni ngoba ebalekela ukondla inqwaba yabantwana bakhe.
Ngokusho komthombo osondelene nalo mculi odume kakhulu ngokulingisa kuma-video abaculi abadumile, onina bezingane zakhe bese kubame emphinjeni ukumbona eswenka econsa ekubeni abantwana bakhe begqoka amanikiniki futhi belala bengadlile.
"Ubalekile lapho abeqashe khona e-Orlando East wayobhaca komunye umqasho ongaziwa ukuthi ukuphi." Onina bezingane babuye baqonda ezinkundleni zokuxhumana bashiya abangalazi ngoSanele (27) odabuka eMzimkhulu.
Omunye umthombo uthe uSanele uphila impilo engamanga yodwa njengoba evela ezinkundleni zokuxhumana nezimpahla ezibizayo ekubeni engasebenzi . Uthe uSanele wathatha imali yakubo, washiya umndeni nonina beswele, wazogwazela amantombazane eGoli. "Uqonywe lonke izwe. Unezingane ngisho nakwezinye izinhlanga. Okubuhlungu ekhaya kulanjiwe."
USanele uqale ukuchoma ngezimpahla zakanokusho engakabi yinxusa lakwaCrawl. Omunye unina wengane uthe uSanele wayemphethe kahle kabi engakakhulelwa.
"Wayengithengela amawashi nemigexo ebizayo. Abuye angenzele indumezulu yomcimbi ngosuku lokuzalwa kwami. Isichitho kube ukuthola umntwana ngoba sobabili akasasinaki. Useqhubeke nempilo." Omunye uthe uSanele unoxhaxha lwezintombi azikhulelisayo maqede azilaxaze kanjalo.
"Mhlawumbe izingane asenazo ziyofinyelela ku-20. Ukhulelisa ngisho namaNdiya imbala." Kuthiwa ngisho namantombazane ayizihlobo zakhe akawayeki. Enye intombazane ithe yona yamqoma yazi ukuthi abahlobene. Ithe yashaqeka isithi ihambisa ingane kubo kaSanele yathola ukuthi unina kaSanele owakwaDlamini, koninalume wentombazane.
"Unina kaSanele uhamba nge-wheelchair futhi imali ayithola ngokulimala engozini yemoto iyona le ayidla namantombazane."
Ethintwa uSanele uphike walala ngomhlane ukuthi kunezingane angazondli.
"Abantu abafuna ukungicekela phansi ngoba ngidumile. Yitulo leli lokungicekela phansi. Mina angizisheli izintombi kodwa yizo eziziphonsa kimi. Zingifuna ngapha nangapha kulezi zinsuku. Yila mantombazane engingawafuni lawa angenza nje." Uthe izingane zakhe zine azaziyo naqinisekisa ukuthi uyazondla zonke. Uphike walala ngomhlane ukuthi unina uhamba nge-wheelchair nokuthi uyise akasekho. Ube esenxusa intatheli ukuba ilubhale udaba uma luzoyisiza nje. Abanye bachaze uSanele njengomuntu onamanga nongumxabanisi wabaculi.