U-DJ Maphorisa usethembise umethuli wezinhlelo isibhaxu kulandela ukuthi emsole ngokuvalela oDj abazizamelayo kulo mkhakha. UMacG uke wabonakala ohlelweni lwakhe i-Podcast and Chill ethi uzwe ngandlebenye ukuthi uDj Maphorisa akaneme njengoba ekhipha i-EP. Lokhu ubekuxoxela ababukeli nozakwabo uSol Phenduka nokuyilapho uMacG eveze khona ukuthi uMaphorisa udinwe uyaveva njengoba engaqalanga ngokucela umbono wakhe nemvume yokudedela le i-EP.
UMaphorisa akalalanga endleleni useqophe i-video ethi lapho bezohlangana khona noMacG uzomthela phansi ngokumsukela. Akagcinanga lapho, uveze nokuthi yena noMacG baqhelelene kakhulu ngokwezinga.
"Ngeke ngiqophisane noMacG ngoba ungumfana omncane, okusempeleni wonke umuntu owenza amapiano usebenzela mina. Abantu abameseke kodwa angasebenzisi igama lami ukumaketha i-albhamu yakhe," kusho uMaphorisa.
Abantu ezinkundleni zokuxhumana bahlukene phakathi ngale ngxabano. Babodwa abathi uMacG uyedelela, udinga induku kanti abanye bathi uMaphorisa kwakumele aphendule ngelanga amsola ngalo, hhayi namhlanje.
"Uqinisekise ukuthi uyambhonya ngempela, wephule nale mcondo yakhe ngoba ukhuluma umbhedo," kusho uVuyiseka.
"Engabe kungani uMaphorisa esezolwa manje ekubeni kade uMacG akusho lokhu? Akuyona into yamanje," kusho uMlaba Mpho.
" UMacG akamhloniphanga uMaphorisa, asingathathi hlangothi bakwethu, simele iqiniso," kusho uMasego Sefolosha.