SESIPHUMELE obala isilomo somculi wakuleli mayelana nevideo esabalele esibonakala kuyo sidudula omunye wabadansi baso. UMakhadzi usephumele obala wacacisa ngokwenzeke eNorth West ngempelasonto njengoba kunevideo abonakala kuyo edudulela phansi omunye wezintokazi ezimdanselayo.
UMakhadzi kule video ubonakala eqhamuka eceleni enganakile lo mdansi bese emdudula waze wayothanqazeka phansi phambi kwezihlwele. Into uMakhadzi athe iholele ekutheni agcine esondela eduze kwalo mdansi yingoba ubefuna ayeke ukufafaza amanzi esiteji.
"Bengizama ukumdudula esiteji ukuze ayeke ukufafaza amanzi ngoba bengisacule izingoma ezimbili, kusekhona ezinye. Bengigxile ezihlweleni ngesikhathi ngizama ukumdudula eze ngakimi. Bengizama ukuvimbela ukuthi angacheli amanzi ngoba bekungaphazamisa, kushibilike isiteji sigcine singanandisi," kusho uMakhadzi.
Ephetha uthe uyafisa abantu baqhubeke nokusabalalisa ivideo yakhe entsha njengoba benzile nakule ebebukeka sengathi ubeqonde ukumdudula. Lokhu uthe akwehli kahle ngoba kumenza umuntu omubi. Ube esexolisa kubantu engehlanga kahle kubo le video, wathi akuyona le nto ebisibonakala sengathi ubenza ngamabomu.