UMSHADO wabaculi bowokholo, uTakie Ndou nomkakhe uTakalani Chairo Ndou ulengela eweni. Lezi zindaba zidalulwe okokuqala uMfu Solomon Izang Ashoms ekhasini lakhe likaFacebook.
"UTakie noTakalani Ndou ngabaculi abangungqaphambili kuleli. Okubuhlungu umshado wabo weminyaka emine usengcupheni. Kazi yiziphi izingqinamba ezibhekene nabaculi bowokholo emshadweni? Ngabe izilingo nemizabalazo yabo ihlukile kweyethu," kubuza uSolomon osehamba ethuka izinya kulezi zinsuku ngenxa yokwembula abefundisi izinqa.
Lezi zithandani zizakhele udumo ngokuhlabelela ndawonye ingoma esihloko sithi Jesus We Love You. Ngokuthola kweSolezwe NgoMgqibelo, lezi zithandani sezineminyaka zihlala ngokwehlukana. Ethintwa uTakie uvumile ukuthi kuke kwaba nedimoni elihlasele umshado wabo kangangoba bake bahlala ngokwehlukana.
"Njengamanje sekuyindaba endala ngoba sesibuyelene. Abantu bakhuluma ngento endala kabi. Ngebhadi asikwazi ukubalawula ukuthi bathini ngathi. Sesihlala ndawonye," kusho uTakie obuye wazakhela udumo ngesikhathi ecula neSpirit of Praise 7 engomeni ethi Una Ndavha Nane.
Indaba yonakale uma esecelwa ukuba axhumanise intatheli nomkakhe njengoba abezishaya isifuba ngokuthi usebuyelene naye. Uvele wankwankwaza, wangena ezintangeni futhi wadla amazambane ashisayo kwacaca ukuthi kukhona okushaya amanzi. Yize kungacacile ngembangela yokuvaveka komshado wabo kodwa eminyakeni eyedlule kuke kwanamahlebezi okuthi uTakie uyaphinga. Imizamo yokuthola uTakalani ukuze aphawule igcine ingaphumelelanga.
*UTakie Ndou uzobe eyisimenywa kwiVIP Invite kuMzansi Magic kusasa ngo-7 ebusuku.