UMCULI we- Afro Pop usethathe isinqumo sokulaxaza iqembu osekuphele iminyaka engu-19 eyilungu lalo ngoba efuna ukugxila emculweni wakhe.
UTshedi Mholo weMalaika egcine isisele naye noBongani Chang ngemuva kokuthi kushone uJabulani Ndaba ngo-2008 uveze lezi zindaba ekhashini lakhe kwi- Instagram.
Esitatimendini sakhe ubalule ukuthi ayikho into eyophinde imhlanganise naleli qembu elaqala ukukhipha i-albhamu ngo-2003.
Uthe uyaziqhenya kakhulu ngabakuzuzile ngenkathi besabambisene bonke njengamalunga alo ngenkathi kusaphila noJabulani.
“Ngikhulele eBoikhutsho, eNorth West nginothando olujulile lomculo futhi lokhu kuvele kwacaca bha ukuthi lo mkhakha ubuvele uyinto engadalelwa yona njengoba bengihlezi ngimatasa ngokujabulisa abantu ngezwi lami emcimbini yemshado nasemaphathini. Ngiqhubekile ngayibamba ngedwa sengizimele ngo2013 futhi kwasebenzeka. Yize izinto bezingihambela kahle bekubuye kube khona izingqinamba ezazingiphazamisa. Njengamanje ngikwisigaba ngingagxili ekutheni nginake ukujabulisa abantu kodwa ngenze into ejabulisa mina uqobo lwami. Ngikholwa ukuthi sesifikile leso sikhathi sokwenza okuhambisana nokufiswa yinhliziyo yami,” kubhala lo mculi ekhasini lakhe.
Ephetha uthe, yize iMalaika ike yahlukana eminyakeni eyedlule yaphinde yasebenza ngemuva kokulungisa izinkinga zayo, kulokhu awekho nhlobo amathuba okuthi aphinde azihlanganise nayo.