UBHOBOKE ngobunzima adlule kubona umlingisi oke waba sematheni emva kokusabalala kwamavidiyo ayemveza njengomuntu ‘’ongathathi kahle ekhanda’’.
Isolezwe ngeSonto lithole ukuthi uSthembiso “SK” Khoza owagqama edlala indawo kaShaka emdlalweni okhonjiswa kuMzansi Magic, iThe Queen, uselashwa ngokwesintu.
Le ntandokazi yomlingisi ike yaba sematheni emva kokusabalala kwamavidiyo ayo igqoke ijakhethi e-orintshi nebhulukwe eli-grey, ihamba ngezinyawo, lapho wayelwa khona nabantu abahlukene.
Kukhona ababezitshela ukuthi uKhoza udle izidakamizwa noma weqise ezinkambeni zikaFaro.
Ethintwa uSK uthe akayena umuntu othanda ukukhuluma nabezindaba kanti umatasa nokuqopha kodwa wala waphetha ukudalula ukuthi uqophani.
Uvumile ukuthi impela kukhona ukwelashwa ngokwesintu aphezu kwakho.
“Njengom-Afrika kunezinto engingavumelekile ukuzimemezela kodwa yebo kunohlelo lwesintu engiphezu kwalo kwazise ukuthi ngangingeke ngihlale nginethezeke sengizwile ukuthi kwenzakalani nokuthi kwenziweni kumina. Ngiyathembisa kodwa kubalandeli bami ukuthi uSK abamjwayele usezobuya,” usho kanje.
Ngesikhathi ekhuluma noTT Mbha ohlelweni lwakhe lwe-Instagram, 'Ama-Tyma Wellness Check-in' uSK udalule ukuthi kuningi adlule kukona ezinyangeni ezedlule kodwa manje usezimisele ukubuyisela impilo yakhe esimweni.
"Angikhumbuli lutho ngisho into eyodwa ngalawo mavidiyo. Lokho kuyangithusa,“ usho kanje.
Uxolisile kwabanyathelile ezigamekweni ezenzekile, okubalwa namavidiyo ayesabalele.
“Ngibonga ukuthi angibanga nawo amandla okuzibulala yize bebubukhulu ubunzima ebengibhekene nabo, ikakhulukazi njengoba okunye kwalokhu ebengidlula kukona bengingakwazi ukukhuluma ngakho,” usho kanje.
Uveze ukuthi kwamthusa ukuthi kanti ezweni kunabantu abanjani uma amavidiyo akhe kwakuyiwona ayesematheni, kwaze kwagqibeka ukuwina iGrammy kukaBlack Coffee.
Eqhuba uthe useyabasaba abantu bakuleli ngoba sekucacile ukuthi bayakuthokozela ukubona omunye umuntu esenkingeni.
Uphethe ngokuthi yize edlule kulobu bunzima kodwa usazibona eqhwakele kwelenyoni aze awine iGrammy ngelinye ilanga njengoBlack Coffee.