UMLINGISI womdlalo wethelevishini ophinde abe ngumkhangisi, usebenzisa ubuhlungu abuzwa ngenkathi unina ezibulala, ukuthi afundisa intsha yabesifazane ngokubaluleka kokubhoboka uma ukhungethwe yizinkinga.
UTebogo Thobejane olingisa kuMuvhango uveza ukuthi ukuzibulala kukanina kwashiya amanxeba angakaze aphole yize kwenzeka eneminyaka ewu-11. Ngaleso sikhathi unina wayeneminyaka ewu-31 kodwa kuze kube yimanje unembuzo engaphenduleki.
Ukuhlasela kobhubhane iCovid-19 nokusebenza nentsha, nabantu ababhekene nengcindezi ngalesi sikhathi, uthe kumvulele isithombe sokuthi nonina yayinkulu impi ayebhekene nayo yedwa.
"Ngikhetha ukukhuluma ngakho ngoba abantu abaningi bacabanga ukuthi akuyona ingcindezi yangokomphefumulo akuyona into yangempela. Ikakhulu ngalesi sikhathi abantu besifazane abaningi bephelelwa nayimisebenzi benezingane ezibabhekile. Abantu besifazane kumele belokhu bekhuthazwa ukuthi bakhulume ngezimo ababhekene nazo kuze kube bayabhoboka ngazo," kusho uTebogo.
Yize enohlelo alwenza nezingane zamantombazane ezikoleni kodwa njengamanje umatasa nezinhlelo zokuvula isikhungo ahlela ukuthi siqale ukusebenza maduze nje lapho ezokwazi ukuhlanganisa izingane nonina. Inhloso yakhe enkulu ukuthi abesifazabe ikakhulukazi amantombazane, bavule izifuba ngezimo ababhekene nazo ukuze bathole usizo.
Kuzokhumbuleka ukuthi emnyakeni edlule uke wavuleleka kuleli phephandaba eveza ukuthi wakhula ngaphandle kukanina nokwamthwesa ubunzima esethola ingane. UTebogo waveza ukuthi nebhizinisi lakhe lamaBofa okungamabhande esisu, laqala ngoba kwamthatha iminyaka ukwazi ukuthi owesifazane kumele azinakekele abophe nesisu uma esebelethile.
Uphinde waveza nokuthi noma kuyinto ahamba nayo ubuhlungu bokuzibulala kukanina, kodwa okuhle ukuthi uyakwazi ukusiza abanye abesifazane bangazitholi sebethatha isinqumo esifanayo. "Ngifisa abesifazane bazi ukuthi ingcindezi yomphefumulo yisifo futhi siyelapheka. Abangazenyezi ngoba usizo bangaluthola akulona ihlazo," kusho uTebogo.
Ephetha uthe ukulekelela nokusiza omunye umuntu kuwumsebenzi wanoma ngubani obonayo ukuqinisekisa ukuthi azikho izingane eziswela onina njengaye.