UZITHINTELE kwabanye abaculi bakamaskandi uKhuzani ngokufika eNdlunkulu KwaKhethomthandayo engavunulile ngesikhathi beyobhonga emswaneni bengamaciko ngeledlule.
Ngokohlelo lwabaculi bakamaskandi abebeye eNdlunkulu, bekuvunyelwene ngokuthi bonke abaculi abafike bevunule ngenhloso yokuhlonipha iSilo samaBandla ngokuhloba ngemvunulo. UKhuzani ufike eswenkile nokuyinto okuthiwa ayehlanga kahle kwabanye abaculi.
Okuphinde kwabacika kakhulu ukuthi kuphinde kuvele isithombe sikaKhuzani kwelinye lamaphephandaba egiya phambi kozakwabo beseNdlunkulu.
Abaculi bakamaskandi abebekhuluma emakhasini kamaskandi bathe ibacasulile indaba kaKhuzani baze bamtshela ukuthi kuzomele ahlawule ngesenzo sakhe.
Omunye wabaculi obekhuluma, uBhekeni, uthe bekumele engabe kuvezwe uSomnandi phambili ephepheni kunokuthi kuvezwe uKhuzani ngoba akavunulile futhi bayamhlawulisa ngesenzo sakhe sokungahloniphi.
Ethintwa uKhuzani uvumile ukuthi abaculi bambuzile ukuthi kungani engavunulile?
“Ngibachazelile ukuthi bekungeyona inhloso ukuthi ngifike ngingavunulile, inkinga ukuthi bengisuka eGoli ngesikhathi siya eNdlunkulu, angikwazanga ukudlula ekhaya ukuyothatha imvunulo yami. Nalaba asebekhuluma kakhulu sebezifunela udumo nje ngami. Angilibonanga necala kangako ngoba kwakungewona umyalelo waseNdlunkulu ukuthi sifike sivunulile kodwa yinto esasizihlelele yona njengomaskandi,” kusho uKhuzani.
Mayelana nenhlawulo, uKhuzani uthe akuzange kufike ekutheni ahlawuliswe futhi akekho obesamtshele ngayo.
UTHOKOZANI Langa odume ngelikaSomnandi, uthe naye ubakhuzile abanye omaskandi ukuthi bangamlwisi uKhuzani ngoba leyo nto izodala uqhekeko phakathi kwabo bengomaskandi kanti babambisene kahle.