UMCULI wakuleli uLady Zamar uthi ukushoda kothando ebantwini ukubona kuyisithiyo futhi kudalela abantu izinkinga eziningi.
Usho kanje engxoxweni ekhethekile ohlelweni lomrepha uSlikour, iThe Unplug. Yize uLady Zamar ehlala echashwa ngezinhlamba ezinkundleni zokuxhumana kodwa uthi uthando lungumanqoba futhi uyabona abantu badinga lona. Ukushoda kothando ebantwini ukubona kuyisithiyo futhi kudalela abantu izinkinga eziningi.
Uthe isikhathi esiningi unokucabanga ngokufa kodwa akakwazi ukucula ngakho ngoba ukufa kuyinto abantu abangathandi ukuzwa ngayo, yize iqiniso lithi ekugcineni wonke umuntu uzobhekana nokufa.
"Sidinga uthando ngoba asisenakho ukubekezelelana nokwazana kangcono singabantu. Okuyishwa ngukuthi siphila e-Afrika, lapho sizwa kakhulu ngabantu ukuthi singobani akukhulunywa kugxilwe nathi. Engikuqaphelayo wukuthi wonke umuntu unombono ngomunye, ukushoda kothando kwenza kungabekezelelwana, kube nodlame," kuphawula uLady Zamar.
"Nginesikhathi esikaliwe emihlabeni angizikhathazi kakhulu ngokulokhu ngizichaza ebantwini ngibona kungichithela isikhathi. Ngicabanga ukuthi umsebenzi wami uyakuqiniseka ukuthi uyazwakala umyalezo engizama ukuwudlulisa" kusho uLady Zamar.
Ebuzwa mayelana nezinto ezingehli kahle ezikhulunywa ngaye ezinkundleni zokuxhumana, uthe sewakhetha ukungazishaya indiva.
Abantu abaningi bayithakasele ingxoxo baveza nokuthi bazoqhubeka nokumeseka emculweni. Uthe ngaphandle komculo, umatasa ubhala incwadi yakhe yesibili.
Ukubhala nokufunda izincwadi uthe ngezinye zezinto azithandayo.