UMA kukhulunywa ngethelevishini abantu abaningi bafikelwa umsebenzi wokulingisa, ukwethula izinhlelo neminye ezobenza bahlale bebonakala. Inkakha kwezokulingisa neyake yadlala emidlalweni emikhulu yethelevishini uSolly Mhlongo waKwaMashu (70) ungomunye wabadlala indima enkulu ekulingiseni kodwa akazange aqhakambiswe ngethalente lakhe.
UMhlongo wake waba uStuntman okuwukwenza umsebenzi wokuwa ubhamazeke phansi, ukhahlelwe ugingqike nokunye okuyingxenye yokulingisa bese kusetshenziswa ubuchwepheshe ukushintsha kubonakale sengathi omunye umuntu.
Kuvele kuvuke usinga kuMhlongo uma ukhuluma ngezokulingisa. Yize esekhulile futhi eseneminyaka agcina ukulingisa, kodwa akakhohlwa amagama nezindawo ayezilingisa.
Phakathi kwemidlalo emikhulu ake wadlala kuyo uMhlongo kubalwa Ifa lakaMthethwa, Shaka Zulu, Dogs of war, Last Bullet, Protector neminye abengabonakali kuyo ewu-stuntman.
Exoxa neSolezwe uMhlongo uthe ngesikhathi sakhe ekulingiseni bona babengalingisi ngoba bebheke imali, kodwa babelingisa ngoba benothando olukhulu lwalo msebenzi.
Wake wadlala emidlalweni yeshashalazi okubalwa neGathering of the beast lapho ayedlala khona indawo yokuba yinja yasendle nokwakumele nakanjani enzise okwayo. Uthe kwadingeka ukuthi ayoyiqeqeshelwa eKruger National Park le ndawo ukuze aqonde konke ngalesi silwane.
" Izenzo zenja yasendle azifani nezenja ejwayelekile nokuhamba kwayo kwakumele kuvele ngendlela engilingisa ngayo. Indawo uma uzoyilingisa kumele ucwaninge ngayo ungenzeli nje ukugcina icala ngoba kumele ishiye nesifundo emdlalweni osuke ulingisa kuwo,"kusho uMhlongo.
UMhlongo uke waqeqesha namabutho ayelingisa emdlalweni iShaka Zulu ewafundisa ngokubamba umkhonto nokuziphatha kwebutho. "Ngachitha iminyaka emibili ngicija amabutho eZululand. Ngabuya ngazolingisa indawo eyayidlalwa uHenry Cele owayelingisa ukuba uShaka Zulu. Lapho bekumele kuwe uShaka Zulu bekuwa mina ngoba noma esefa wagwazwa wabulawa yimi kulo mdlalo," kusho uMhlongo.
Eqhuba uthe umsebenzi wokuba iciko awukaze ube lula kodwa okuhle ngawo ukuthi uhambisana nothando futhi uyakwazi ukuqoqa nentsha, UMhlongo uthe uyazi ukuthi ukuhlasela kweCovid 19 kuwashayile amaciko kodwa uyafisa ukuthi aqhubeke angadikibali ayibambe ishisa.
Ephetha uthe njengoba esekhulile, uyazibophezela ekucobeleleni intsha ngolwazi asenalo kulo mkhakha.