UKHISHWE ngebheyili umrepha osolwa ngecala lokushaya inkosikazi yakhe, uNicole Kendall Chinsamy, ngosuku lwezithandani.
UMthembeni Emtee’ Ndevu, kubikwa ukuthi ukhishwe ngebheyili, emuva kokuthi ezinikele emaphoyiseni ngoLwesithathu, emva kokuvulelwa icala yinkosikazi yakhe.
Odabeni esike sabika ngalo ngesonto eledlule, u-Emtee kubikwa ukuthi ushaye inkosikazi yakhe ngosuku lwezithandani, emuva kwengxabano, kubangwa izidakamizwa. Lokhu kuvele emva kokusabalala kwe-video ezinkundleni zokuxhumana, okuvele ucingo obelunesithombe sikaNicole evuvukele ubuso.
Okhulumela amaphoyisa aseGauteng, uColonel Lieutenant Mavela Masondo, ethintwa yintatheli yeSolezwe ngoMgqibelo, ukuqinisekisile ukuthi u-Emtee uzinikelile emaphoyiseni.
“Umsolwa, (Emtee) uzinikele emaphoyiseni, ngomhla ka-8 kuMashi 2023. Ufike wabekwa amacala okushaya. Ube esedluliselwa eNkantolo yeMantshi yaseMidrand, ngalo usuku olufanayo, okuyilapho afike wathola khona ibheyili, wabe eseyadedelwa,” kubeka uCol-Lt Masondo.
Lo mrepha ezinkundleni zokuxhumana uchaphe wonke umuntu ngenhlamba, obebuza ngodaba lokuboshwa kwakhe.
Ave ni#ya ke nina, ethuka obebhale ngalesi sigameko. Imizamo yokuzwa ukuphawula kuka-Emtee nomkakhe ayiphumelelanga ngenxa yokuthi bebengaziphenduli izingcingo zabo.