KABAYIVALI imilomo abantu baseNingizimu Afrika, ngemva kokubona umshado kaNomfundo Mcoyi obuseBali, e-Indonesia, kusukela ngoLwesihlanu.
UNomfundo oyisikhulu esiphezulu senkampani yabangcwabi, Icebolethu Group, ubeshada noDkt Bahle Zondo, okuthiwa ungumshayeli wamabhanoyi.
Umshado ubuthanyelwe ngosaziwayo nosomabhizinisi abasuka kuleli abebemenyiwe bakhokhelwa zonke izindleko okubalwa ezokuhamba, indawo yokulala nokuya ngasethunjini.
Esinye sezimenywa esiseBali, esikhulume nephephandaba kodwa sacela ukungadalulwa sithe bayawuqala umshado walolu hlobo.
“Kusukela ebukhazikhazini bokuhlotshiswa kwendawo, ukudla nokunye okuningi kusobala ukuthi kukhokhwe imali eshisiwe kuhlanganiswa lo mshado. Hhayi angazi mina ukuthi umuntu uyombonga ngani uNomfundo, kufana nokuthi umuntu useholidini ebe engakhiphakanga ngisho isenti,” usho kanje.
Umshado ubukwelinye lamahhotela aphezulu aseBali, iThe Apurva Kempinski kanti izolo zonke izimenywa bese zise-Ayana Resort, ekhona eBali nalapho bese begqoke izimpahla zodangara (denim).
Abashadikazi bebenomcimbi wokumbeswa kwabakamakoti ngoSepthemba wonyaka odlule, njengoba seziwushaya nje manje.
Phakathi kwezimenywa eziqavile ezibonakalile kubalwa uZanele Mbokazi, Nto Majozi, Nozipho Ngubo, Samke Embelesh, Dladla Mshunqisi, DJ Happygal nabanye abaningi.
Isiqubulo ebesihamba phambili ezimenyweni uma zifaka izithombe emakhasini azo ezokuxhumana besithi #AbathiyaneBN.
Ezinye zezinto ezishiye abantu bebambe ongezansi yizingubo zikanokusho zikamakoti, enye yazo ebinomsila omude ebibhalwe uBN, nekhekhe elikhulu lomshado ebelibekwe entweni ebizihambela ingaqhutshwa.
Phambilini uNomfundo uke washada noCaptain Khaya Bhengu, abahlukanise naye ngo-2009, nawo umshado wabo wavela ohlelweni iTop Billing indlela owawuseqophelweni eliphezulu ngayo.