INYANGA yaseThekwini yodumo lwezigubhu nephinde ibe nohlelo emsakazweni, iphikela uNgizwe Mchunu kwabathi ugxambukela ezindabeni zayo zangasese.
UDkt Khehlelezi obuye azwakale nakwiVuma FM, uthi abantu abahlukane nokudicilela phansi isithunzi sikaNgizwe, bamfake nalapho engangene khona.
Lokhu kulandela ukuthi uNgizwe usanda kuyolobolela uKhehlelezi nokwenze abantu bamsola ngokuba nesandla ekutheni athathe isithembu.
UNgizwe naye onesithembu, bamsola ngokufaka uKhehlelezi emqondweni wesithembu. Babodwa abaveze ukuthi uNgizwe usondelene noKhehlelezi ngakho uzochitha umuzi kaKhehlelezi futhi lokhu kuhlukumeza unkosikazi wale nyanga yodumo. Impikiswano ibidla lubi ezinkundleni zokuxhumana.
Eziphendulela uKhehlelezi uthe: "Ngizama ukuphendula yonke imibuzo obunayo ngoKhehlelezi. Kunalo muntu othi unyanya uNgizwe ohlukumeza umama kaLilitha (unkosikazi wokuqala), ngesithembu.
"UNgizwe akakhulumanga lutho futhi akahlangene nesithembu sakaMzozo, yimi engimcelile ukuthi ayongikhongela. Msuseni kule nto, akahlangene nayo," kusho uKhehlelezi.
Akagcinanga lapho, uphinde waveza nokuthi unkosikazi wakhe omdala athandana naye wazi kahle kamhlophe ukuthi ngelinye ilanga uzolanywa ngoba uyindoda yesithembu.
"Ngike ngaba nomakoti wokuqala uMaHadebe. Inhlambuluko le engiyenza namhlanje. Ngamtshela ukuthi kumele ngibe nesithembu wavuma, ngokuhamba kwesikhathi, wanqaba sekufanele kungene umakaLilitha. Wathatha imithwalo yakhe wahamba," kuchaza uKhehlelezi.
Eqhuba uthe unkosikazi wakhe akayena umuntu wezinkundla zokuxhumana kodwa ngelinye ilanga uzozama ukumfaka emsakazweni azikhulumele.
Ephetha uthe uyazi ukuthi nabanye abelaphi bendabuko abangamfuni, basebenzisa izinkundla zokuxhumana ukumgxeka kanti akakugqizi qakala lokho.
UNgizwe akatholakalanga ukuphawula.