ABASAKWAZI nokulinda ababukeli abasibheke ngabomvu isiqephu sowayeshade noSomizi Mhlongo njengoba ezonikezwa ithuba lokuziphendulela. Selokhu kwagqabuka igoda lomshado kuSomizi noMohale Motaung akukaze kubekhona ukuthula phakathi kwabo. Uhlelo lukaSomizi, iLiving The Dream with Somizi, ngesikhathi luqala lwasusa umsindo abantu bekhala ngokuthi luchemile ngoba ngeke esabakhona uMohale aziphendulele.
IShowmax yayithukuse induku emqubeni njengoba ngo-Agasti 4 kuzodlalwa isiqephu iMohale On The Record. Kulesi siqephu kulindeleke ukuthi uMohale ageqe amagula ngokwakwenzeka emshadweni wakhe, aphinde acacise ngezinsolo zokuhlukunyezwa obengumyeni wakhe.
Isiqephu esigabisa ngenkulumo kaMohale sesithathe abaningi njengoba kukhona lapho ekhala ngokuthi wayebukelwa kakhulu phansi. "Ngangiyimi ngesikhathi nginaye, ngangijabule kakhulu kwaze kwaba izinto ziyashintsha eseqala ukungilawula. Ehlala engikhumbuza ukuthi akukho engikubeka etafuleni ngaphandle kobuhle," kusho uMohale. Akagcini lapho uphinde aveze nokuthi akazange alivule icala lokushaywa nokunukubezwa ngezindlela ezahlukene nokulindeleke ukuthi kuvele kahle esiqeshini esiphelele.
Abantu sebejahe lufike lolu suku bazizwele uMohale echaza ngomlomo wakhe okwenzeka njengoba uSomizi esalubeka olwakhe uhlangothi.
"Sekubukeka sengathi manje u-Agasti 4 usukude kakhulu," kusho uLerato.
" Nginesiqiniseko sokuthi uSomizi uzojuluka namagenge akhe, kuhle ukuthi siphume emuva kokuphela kwesizini 5," kusho uKgomotsoTlhapane.
"Ekugcineni sizozwa uhlangothi lwakhe ngakho konke lokhu okwenzekayo," kusho u-Odirile Kube.