“IMALI ENINGI isifinyelele esibalweni sabantu abang-12 million abayidlalile (streams) kodwa anginalo ngisho isenti. Angitholanga ngisho indibilishi”.
Lona kube wumbhalo oqubule umsindo kwiFacebook emva kokuthi umculi wakuleli, Intaba YaseDubai, ogama lakhe langempela nguLindokuhle Msomi, awubhale ekhasini lakhe kule nkundla.
Lo mculi ongowokudabuka KwaMaphumulo, KwaZulu-Natal, utshele abalandeli bakhe abakule nkundla ukuthi kunzima ukubuka amandla akhe edliwa ngenye indoda.
Imali Eningi akhuluma ngayo yingoma kaBig Zulu apike kuyona Intaba YaseDubai noRiky Rick ongasekho, ethishwe yaba ngenye yezingoma ezingadla umhlanganiso emkhakheni wengoma ethandwa kakhulu emiklomelwemi yamaDSTV Mzansi Viewers’ Choice Awards.
Ethintwa yileli phephandaba lo mculi, osayine ngaphansi kwe-Ambitiouz Records, uveze ukuthi wubegajwe yimizwa ngesikhathi ebhala lokhu kwiFacebook kanti sekukhona abamyalile ukuthi angakhulumi ngale nto.
“Bengigajwe wubuhlungu bokubona umjuluko wami ufunza enye indoda ekubeni mina ngihlupheka. Ngiyaxolisa kodwa ukupikwa engomeni sengiyakuzonda ngoba kumele senze sengathi konke kuhamba kahle ekubeni kuwumuntu oyedwa okusuke kumhambela kahle,” usho kanje.
Akafunanga ukunaba ngenkontileka ayeyisayinille ngaphambi kokwenza le ngoma naleyo ayeyisayine esitebeleni angaphansi kwaso.
Okuqaphelekile wukuthi izolo ubesebhale kwiWhatsapp ukuthi udinga indawo yokuhlala enamagumbi amabili noma elilodwa, okungaqondakali ukuthi bese kwenzenjani ngendawo abehlala kuyona..
Lokhu kuqubule izinsolo zokuthi kungenzeka ukuthi usekhonjwe afika ngayo esitebeleni sakhe emva kokubhoboka kwakhe ngoLwesihlanu.
Eziphendulela uBig Zulu uthe kuyamxaka osekwenziwa yilo mculi ngoba ngokwazi kwakhe yonke imali okwakumele iye ngakuyena yakhokhelwa isitebela asayine kusona.