UMCULI we-Afro Soul obalwa nabaphambili kuleli ophinde abe nohlelo lwakhe kuShowmax uKelly Khumalo, usecele izinyanga ezithwasisa abanezipho ukuthi ziyeke ukudukisa abantu.
UKelly uveze lokhu ngeziqeshana zama-video aqoshiwe azifake ekhasini lakhe kwi-Instagram ngoLwesithathu ekuseni.
“Ziningi izingane zabantu lapha ngaphandle ezihluphekayo, ezihlushwa yisipho. Abanye bahlushwa yisipho sokuzalwa bembethe, abanye bahlushwa yisipho sokuba nedlozi, abanye bahlushwa yisipho sokuba wumthandazi, isipho sabaphrofethi...bafika ezinyangeni, zibalahlekise. Ngiyacela bakithi yekani ukulahlekisa izingane zabantu. Uma ngabe wazi ukuthi awukwazi ukuyisiza ingane, iyeke iye ekhaya. Isipho siyazikhulumela, linda nawe, wena ophethwe yisipho. Buza abakini, buza isipho ukuthi sifunani kuwena,” kuchaza uKelly, okhulele eNquthu KwaZulu-Natal.
Lo mculi uqhube waxwayisa abanezipho ukuthi bakuqaphele ukumosha imali bebheka usizo.
“Baningi abantu asebelahlekelwe yimali eningi, nami ngingomunye wabo, kodwa usizo ungalutholi ngendlela okufanele uluthole ngayo. Ukusiza omunye umuntu wakwabani bani, akusho ukuthi uzokwazi ukungisiza mina noma omunye umuntu ngoba izifo azifani futhi zidinga ukunakekelwa ngezindlela ezingafani. Yikho kumele kube yisipho esikhulumayo ngaphambi kokuthatha izinyathelo zokufuna usizo,” kuxwayisa uKelly.
Uthe ezinye izipho zinkulu kunabantu abelaphayo, kudinga ukuthi ubekezele uzinikeze isikhathi zizilungise zona.
NgoSepthemba ngo-2018 Isolezwe labika ngesikhathi uKelly Khumalo ephumela obala ngokwamukela idlozi. Imithombo yephephandaba yaveza ukuthi ngaleso sikhathi, wayeseqalile ukuthwasa esigodlweni esiseZakheni, eMnambithi.