USAZIWAYO wakuleli, uPearl Thusi, usehlohle umphakathi waseNingizimu Afrika ukuba uphazamise umngcwabo yowayenguMengameli wakuleli ngezikhathi zobandlululo, uMnuz Frederick Willem "FW" De Klerk uma engcwantshwa ngokohlelo loMbuso.
UDe Klerk (85) udlule emhlabeni esemzini wakhe eCape Town ngoLwesine ekuseni emuva kokuxinwa yisifo somdlavuza.
UPearl, ongumlingisi nomethuli wezinhlelo zethelevishini nezomsakazo, uthe kuyobe kuyinhlamba enkulu kubantu abahlukunyezwa wuhulumeni wobandlululo kulelizwe ukunikwa kuka De Klerk umngcwabo woMbuso.
Uthe akazizwa kahle uma kugujwa ukushona komuntu kodwa akanandaba noma uDe Klerk akasekho noma usaphila. "Mhlawumbe kimi kufana nokuthi kade afa ngoba angiphathekile kabi."
UPearl uthe simphathe kabi isihloko ebesichaza uDe Klerk njengomuntu owabamba iqhaza ekukhululweni kowayenguMengameli wokuqala kahulumeni wentando yeningi, uDkt Nelson Mandela.
"Lo muntu uze wafa ekugcizelela ukuthi ubandlululo lwalungelona icala kumuntu. Okunye uMandela wakhululwa ngenxa yengcindezi." Uthe nakho ukwamukeliswa kukaDe Klerk noMandela umklomelo weNobel Peace Prize e-Oslo, eNorway ngo-1993 kwakuwubugebengu bokwenza sengathi sekubunjenwe.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela kungakazwakali ngezinhlelo zomngcwabo kaDe Klerk.
Akukhona okokuqala uPearl ekhuluma inkulumo eshaqisayo.
Ngenyanga eyedlule uthuse abaningi ngesikhathi ethi uma i-ANC iwina ukhetho lohulumeni basekhaya kuyobe kusho ukuthi abayivotele bazizonda bona njengesizwe. Wathi akakusho lokhu ngoba enyanya lo mbutho kodwa uzonda indlela ongahloniphi ngayo umphakathi waseNingizimu Afrika.
"Sonke sifisa sengathi i-ANC beyingakhetha ukwenza kangcono." UPearl odabuka KwaNdengezi, eThekwini, ngomunye wosaziwayo bakuleli asebedume umhlaba wonke njengoba eseke wadlala indawo kaPatricia Kopong emdlalweni owawusakazwa kwiBBC/HBO, iThe No. 1 Ladies' Detective Agency, waphinda waba uDayana Mampasi emdlalweni owawusakazwa kwi- ABC osihloko sithi Quantico kanti wayenguSamkelo efilimini yaphesheya iCatching Feelings. Muva nje ubelingisa indawo eqavile emdlalweni weNetflix, iQueen Sono.