ISEZINHLELWENI zokungena ebhizinisini lensangu ingwazi kaDJ wakuleli kanti ingenye yabaphathi besitebela somculo iKalawa Jazmee Records, esikhiqize inqwaba yezintandokazi zabaculi eMzansi.
U-Oscar Mdlongwa odume ngelika-Oskido, endimeni yomculo ufuna ukubalwa nabanye abatshali bensangu ngoba iNingizimu Afrika, isiyakuvumela ukutshalwa kwayo.
Lokhu kuvele emuva kokuthi uDJ efake isithombe sakhe kwi-Instagram emi eduze kwezihlahla zensangu ezikhuliselwa endaweni ebibukeka sengathi isendlini (indoor).
Isithombe sakhe besihambisana nombhalo othi "Azishe! Ikusasa! Insangu kabani" nokuyilapho bephawule khona abalandeli bakhe okubalwa nosaziwayo, bemncoma ngobuhlakani bakhe bokuba ngusomabhizinisi oseqophelweni nocabangela ikusasa.
Abanye bazwakalise ubunzima ababhekana nabo uma belandela imigudu yokuthola ilayisensi ekugunyaza ukuthi utshale insangu ngokusemthethweni.
Ethintwa u-Oskido uthe ubevakashele leya ndawo ngoba efuna ulwazi oluphelele ngebhizinisi nangezindlela zokuthola ilayisensi.
"Uma usukhulile njengami ubheka yonke indawo lapho ongatshala khona imali kanti ngoba sekuvelile ukuthi imboni yensangu izobe ibiza izigidi eminyakeni ezayo. Nginentshisekelo ngalo nokuyikona okwenze ngizihluphe ngalo ngithole ulwazi olugcwele ngalo," kusho u-Oskido.
Uthe umculo asoze awuyeka kodwa lokho akusho ukuthi akasonge izandla alindele imali evela emculweni kuphela ekubeni ekhona amanye amathuba angazibandakanya kuwona.