LOLU usuku olubalulekile emndeni walowo owayengumengameli wokuqala wentandoyeningi uDkt Nelson Mandela, njengoba omunye wabazukulu bakhe ememezele ukuthi uzoqala imishanguzo yomdlavuza.
UZoleka Mandela, ongunina wezingane eziyisithupha, uthi namhlanje wusuku olubalulekile futhi uluqopha phansi ngoba uzoqala iChemotherapy. Kuzokhumbuleka ukuthi uZoleka wadalula ukuthi unomdlavuza webele, washicilela nencwadi ngohambo lwakhe ngesifo esekuphele iminyaka ebhekene naso.
Yize kunjalo futhi esekulungele lokhu kodwa uthe usenalo ulwazi ngezinselelo ezihambisana nokusetshenziswa kwemishanguzo (side effects) nokuyinto elindelekile. "Ngenze iradiation yokugcina namhlanje ngizokwenza ichemotherapy okokuqala ngqa," kushicilela uZoleka ekhasini lakhe le-Instagram.
Abantu bamthumelela imiyalezo ekhuthazayo nemesekayo ngalesi sikhathi. UZoleka ubonge imiyalezo nothando alukhonjiswa ngabantu bamazwe ahlukene.
iChemotherapy
- Isetshenziselwa ukulwa nokusabalala kwamacells omdlavuza, lokhu kuyenzeka kuwabulale noma kuwavimbe ekutheni akhulele ande emzimbeni womuntu. Izindlela zokukuwenza lokhu ziyehluka ngoba kwenziwa ngomjovo kwabanye ngomlomo noma kusetshenziswe uketshezi nesikhumba ngokwehluka kwesimo somuntu nohlobo lomdlavuza wakhe nesigaba akuso.
iRadiation Therapy
-Indlela yokulwa nomdlavuza kusetshenziswa umthamo omkhulu wokubulala amacells omdlavuza futhi kuncishiswa isimila. Lapha kusuke kusetshenziswa iX-ray ukuxilonga ingaphakathi lomuntu.