UKUHLALA ebona ozakwabo beshayelwa isoso uma beshonile noma beshonelwe, kumenze wafikelwa wumqondoo webhizinisi lokungcwaba umculi wokholo.
USgwili Zuma usenebhizinisi lokungcwaba iSgwili Funerals, elizinze enkabeni yeTheku. USgwili uthi leli bhizinisi sekuneminyaka emithathu elihlanganisa, uyajabula ukuthi ekugcineni usekwazile ukulethula.
Uthe ukuhlasela kobhubhane iCovid-19 yikhona okumgqugquzele kakhulu ukuthi enze konke okusemandleni ukuthi ligcine liba khona.
"’Ngiyazi ukuthi abantu abaningi abangamaciko abayinaki indaba kamasingcwabisane uma kusekuhle, kanti yilapho okumele bayisukumele khona ukuze kuqambe kufika usuku olunzima, kube lula ukuthi basizakale,“ kusho lo mculi owaqala ukuduma ecula nozakwabo uBabo. Naye uthe uzibekele ukuthi akwazi ukulula isandla emphakathini nakumaciko uma kukhula leli bhizinisi.
"Kuvamile ukuthi thina maciko sishone ngaphansi kwezimo ezibucayi emakhaya ngenxa yohlobo lomsebenzi esiwenzayo, ingabikhona nemali yokusingcwaba. Imali yamaciko ayifani neholo nokwenza kube nzima kwabanye ngoba asiqashwa njalo. Ngifuna ukubasondeza eduze ozakwethu sithole izindlela zokulekelelana ngezinhlelo zokungcwabana nezihlobo. Okuhle bazobe beqondene nomuntu onolwazi kahle ngomsebenzi wobuciko," kusho uSgwili.
Eqhuba uthe ukuba sendimeni yomculo iminyaka ewu-16 kumenze wabona nokubaluleka kokwenza ibhizinisi elizoba usizo emphakathini nakubantu abangabalandeli bakhe. "Angilenzi namuntu leli bhizinisi ngoba ngifuna uma kunezinkinga zibhekane nami. Ukuhlala ngibona abantu behlukunyezwa kwezinye izindawo kungenze ngaba nentshisekelo yokushintsha indlela abenza ngayo abanye. Ngiyazi ukuthi kuzoba nezinkinga ngoba yibhizinisi. kodwa ngizimisele ukubhekana nazo ngisondele kubantu," kusho uSgwili.
Ephetha uthe yize esengene kwezamabhizinisi kodwa umculo akasoze ahlukana nawo. USgwili uthe okuhle ngebhizinisi lakhe wukuthi alixwayani nomculo wokholo nokuyinto angaboni ukuthi ingaphazamisa.