UQOPHE i-video umlingisi wakuleli uDingaan Khumalo, echaza kabanzi ngomdwebo osabalale ezinkundleni zokuxhumana kusolwa, ukuthi owomrepha ongasekho uRiky Rick.
UDingaan woMuvhango nophinde abengumculi ukhala ngehlazo elenziwa abantu ngokuhlekisa ngomuntu oshonile besebenzisa izinkundla zokuxhumana. UDingaan usho kanje ngemva kokuthi abantu besabalilise umdwebo kaRasta, awumukelisa yena ngoDisemba nyakenye bethi uRiky Rick.
UDingaan ukhuza ihlaya labantu kwiTwitter nakwiFacebook, bekhala ngokuthi uRasta udwebe uRiky ngendlela engagculisi. UDingaan uthe noma ngabe abantu bafuna udumo nokuvelela kangakanani ezinkundleni zokuxhumana kodwa abehlise izinga.
"Ngiza kini bakwethu nenhliziyo ebuhlungu ngoba ngikhathazekile, ngiphoxekile nikuphendula inhlekisa ukushona kukaRicky," kubabaza uDingaan kwivideo yokuqala.
Ubelokhu ewaqopha amavideo ekhuza umkhuba, wabe eseqhamuka neyakamuva enoRasta ezikhulumela. URasta ukuqinisekisile ukuthi lo mdwebo okuhlekiswa ngawo wayedweba yena ngqo uDingaan, abantu abangadideki. Lo mdwebo ubewuphethe nangesandla njengobufakazi.