“QALANI ke, Sekuyisikhathi seliquor, selonakele iviki, uHlophe lo.’’
Lawa ngamazwi athandwa ngusomahlaya waseMlaza, osezakhele udumo ezinkundleni zokuxhumana ngamavidiyo amahlaya awaqhulula mihla namalanga kulezi zinkundla.
UFelix Hlophe, onabalandeli abaningi kwi-Instagram alupheli usuku engaqhululanga ihlaya futhi uncokola ngezinto ezehlukene abese enameka emakhasini akhe.
UFelix, owethula uhlelo ekuseni kwiGagasi FM, uthi isimo ebesibhekene nezwe ngesikhathi kuhlasele iCovid-19, simholele ekutheni ancokolise abantu.
“Bekuyisikhathi esinzima kakhulu kwabaningi bebodwa abalahlekelwa ngamalungu aqavile emndeni yabo. Sitshelwa ukuthi senzeni ngasikhathisini kanti nesibalo sokuhlukunyezwa kwabesifazane siphezulu kakhulu,” usho kanj uFelix.
Uthi kwamenza wahlala phansi wajula ngokuthi yini engenza abantu bathokoze noma isimo singesihle, wabe eseqhamuka nalezi zinto ezinkundleni zokuxhumana.
Phakathi kwamavidiyo akhe asatshalaliswa yizinkulungwane zabantu, kubalwa leyo azwakala kuyona ethi “Sekuyisikhathi seLiquor (utshwala)” nokuyiyona ebukeka ichaza abaningi yize kwabanye kuba sengathi uyabahlohla ukuthi badoje emsebenzini.
Uthe njengoba imicimbi yayingasavumelekile wabona kungcono ukuthi anikele ngomsebenzi wakhe mahhala, athobe izinhliziyo zabathile aphinde ahlekise labo abase belahla ithemba bevaleleke endlini.
Uthi kumandisele nabalandeli kanti abanye bamthinta ngasese bebonga ukwelapheka emoyeni, ngenxa yamahlaya.
“Sengivumile ukuthi injongo yami wukwethula umthwalo emahlombe abantu. Ngijabule nabasuke bejabulile, ngikhale nabasuke bedabukile,” kusho uFelix.
Mayelana nalabo abajwayele ukuphuma eceleni ezinkundleni zokuxhumana uthe usebajwayele ngoba ekuqaleni wayebaphendula kodwa manje useyazibukela.
Ebuzwa ukuthi uthini unkosikazi wakhe uma ebona amahlaya enziwa ngaye (unkosikazi), uthe ngenhlanhla uyakuqonda ukuthi amahlaya yiyona ndlela aziphilisa ngayo futhi yilona phalishi lasendlini. Uthe ngoJulayi uyabuya umcimbi wakhe waminyaka yonke, okwe waphazamiseka kule minyaka emibili edlule.