INKAKHA yomculo weZumba, edume ngezingoma zasejele, ichitha imbiko yokuthi yake yaboshwa.
UFreddie “Madamara” Gwala, odabuka eNanda, eThekwini, kodwa osehlala eGoli. Uchitha imbiko ethi wake waboshwa eke yabhalwa kwamanye amaphephandaba.
Lo mculi odume kakhulu ngezingoma zempilo yasejele, enye yazo eyashisa izikhotha, esihloko sayo sithi “Ufile“. Uqale ukucula ngeminyaka yama-70’s, nokuyilapho asungula khona amaqembu aduma kakhulu emculweni i-Platform One ne-Pure Gold.
“Yazi baningi abantu abahlezi bengibuza ukuthi ngake ngaboshwa yini? Abanye sebeze bayakholwa ukuthi ngake ngaboshwa ngampela. Akulona iqiniso lelo, angikaze ngiboshwe. Ngicabanga ukuthi ukucula kwami kakhulu ngezinto zasejele, ikhona okwenze abantu bacabange ukuthi ngake ngaboshwa,” kubeka le nkakha.
Eqhuba, uthe into eyamenza ukuthi acule ngezingoma ezithinta impilo yasejele, ubandlululo lakudala. Uphinde waveza ukuthi ubesondelene kakhulu nabantu abake baboshwa, okuyibona abamchazela ngayo yonke impilo yasejele.
‘’Ngezikhathi zobandlulo besiphila kanzima ngaphansi kwemithetho eqinile, bekufana nokuthi siboshiwe. Eminye nje yemithetho eyayinzima ukuthi uma uficwa ungaliphethe ipasi wawuboshwa. Ngisho usekhaya kwakufanele uhlezi uliphethe,“ kubeka uGwala.
Le nkakha iveze ukuthi ayimile emculweni, isacula namanje. Kumanje, usemalungiselelweni ohambo lokuyocula eRoma, e-Italy, maduze, kanti futhi kune albhamu ayiphekayo ezophuma nje kungekudala. Uphinde wagcizelela ukuthi abalindele “uMadamara” abamaziyo. Eqhuba, uthe uzodalula konke nge albhamu uma isiphothuliwe.