UYISE wengoduso yomrepha wakuleli odumile uchitha eyekuthi indodakazi yakhe ibiphethwe wukhwantalala kulandela izinsolo zokuzibulala kwayo.
UMnuz Moses Tembe onguyise wengoduso ka-AKA u-Anele “Nelli” Tembe (22) obengcwatshwa namhlanje, enkonzweni ebibanjelwe e-ICC eThekwini uveze ukuthi indodakazi yakhe beyinenkinga yokusebenzisa izidakamizwa okubalwa kuzo nophuzo oludakayo. UTembe usho kanje encwadini ebeyibhalile efundwe usomabhizinisi ongumengameli waMaZulu FC uMnuz Sandile Zungu.
Kule ncwadi uTembe uthe uyazithanda zonke izingane zakhe, ziphelelisa impilo yakhe. U-Anele umchaze njengengane ebinothando emndenini futhi ebikhonze ukwenza izinto ngokuzimela
"Bengingekho ngeSonto kwenzeka lomshophi. Angiqondile ukwakha izinsolo njengoba kusolwa ukuthi ubenokhwantalala kodwa u-Anele ubengeyena umuntu obecabanga ngokuzibulala futhi akazibulalanga . Alikho ngisho elilodwa ilungu lomndeni elingamhlanganisa nokuzibulala. Njengoyise ngithi ubengeke azibulale, kumele siqonde izikhathi esizithola sikuzo. Usathane uhlasela intsha yethu esebenzisa utshwala nezidakamizwa, sinenkinga enkulu yokusetshenziswa kwezidakamizwa," kusho uTembe.
Uthe iphupho elikhulu lika-Anele bekungukuvula indawo ephambili yokudla eNingizimu Afrika nokwenze wafunda wagxila emkhakheni wezokupheka. UTembe uthe wamyala ngokuthi aqinise ekufundeni nomkhakha wamabhizinisi nokuyinto abephezu kwayo. Umchaze njengentombazane ebingahluphi ngamasoka kodwa ebizazi ukuthi ifuna ukukhula ishade kwaze kwaba ilotsholwa u-AKA. Wabayala nangokuthi laba bathole nokwelulekwa ngaphambi kokushada ngoba ebona ukuthi umshado nenjabulo yabo iyasidinga isisekelo.
Ekhuluma kule nkonzo uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele udlulise amazwi enduduzo emndenini wakwaTembe. Uthe okunye ngeke akukhulume enkonzweni ngoba amaphoyisa awakuzikhulumi izinto ezisabhekwa.
“Ngoba angifuni ukubizwa ngelinye ilanga ngizofakaza kuthiwe wathi...ngoba izinto ezisabhekwa,” usho kanje.