ISILILO kosaziwayo ezinkundleni zokuxhumana bevuka nezindaba ezibuhlungu zokushona kwesilomo sezinhlelo zethelevishini. UNomakula Kuli Roberts, obenguqweqwe lwentatheli futhi engumethuli wezinhlelo zethelevishini ushone ngoLwesithathu ebusuku. Abaningi bebefisa kungabi yiqiniso okwenzekile njengoba nyakenye kwake kwasabalala amahlebezi okuthi ushonile nokwakungelona iqiniso.
Esitatimendeni esikhishwe yiTutone Communications, ngokuthunywa umndeni wabakwaRoberts nabakwaMboya, ikuqinisekisile ukushona kukaKuli, obebuye abengumlingisi. Umndeni ubonga ukwesekwa, wacela ukuba uhlonishwe ngalesi sikhathi usemanzini, wacela nokukhulekiswa. UKuli ushiye emhlabeni izingane ezimbili, umzukulu, abazali, nezelamani zakwabo ezintathu okubalwa nomlingisi, uHlubi Mboya.
UKuli ubengomunye wabesifazane bakuleli abahlonishwa kakhulu kwezokungcebeleka. Wachaza abaningi ngesikhathi ethula uhlelo lomgosi olwalugxile kosaziwayo, iThe Real Goboza. Uke wanyamalala kwezokungcebeleka, kwasolwa izinkinga ezahlukene kodwa wavuka wazithatha njengoba eke wethula, iTrending SA.
Ubebonakala ezinhlelweni eziningi zomphakathi njengoba ebelwela amalungelo abantu abaphila nebala elimhlophe, efuna bavikelwe. Ushona nje, leli phephandaba ngo-Okthoba lishicilele udaba ngokuvunwa kwakhe ngezokulingisa, ngemva kokuthola indawo kaTina ebeyilingisa emdlalweni, u-Angelina, ekhonjiswe kwiNetflix.
Nyakenye uKuli ubesematheni ngokhetho lohulumeni basekhaya, ejoyina African Transformation Movement (ATM) ezoyimela kuward 65 eTswane, wabuye wahoxa.
Ushona nje, ubeyisilomo ngenxa yezithombe ebezithwebula efake izimpahla zangaphansi noma imisiko yokuswenka bese egaqa ngamadolo, anompele ezindongeni noma ashishilize phansi okwenyoka. Yize abantu baqala bamhleka kodwa bese bezifela ngezithombe zakhe behlala belangazelele ukuthi uzogqokani. Osaziwayo abahlukene nabalandeli bakaKuli, badlulise amazwi enduduzo emndenini, abangani nezihlobo zakhe.
Ezinkundleni zokuxhumana ilokhu ingenile imiyalezo yenduduzo.