UKUKHULELWA nokuthola umntwana ngezinye zezinto ezenza iningi labesifazane lizenyeze ngemizimba yalo. Intandokazi yomethuli wezinhlelo zethelevishini uMinnie Dlamini, udalule ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kwenzeke okwehlukile kuyena wabuyelwa ukuzethemba kakhulu esewumama. UMinnie, ongumlingisi nosomabhizinisi, ulobe umyalezo othinte abaningi kwi-Instagram, eveza ukuthi esakhula ubengazethembi kakhulu ngomzimba wakhe.
"Ngokukhula ngiya ngokuwuthanda umzimba wami, emuva kokuthola indodana futhi ngibona izimanga ezenziwa wumzimba wami.
“Ngiwuthanda ngendlela engachazeki umzimba wami, muhle ngendlela engingakaze ngayibona. Empeleni nje, izinto zishintsha kakhulu emzimbeni wami. Muhle ngale ndlela engachazeki. Ngiseko-20 ngangizinaka kakhulu futhi ngikhathazeka ngokuthi abantu balindele ukuthi ubukeke kanjani. Uma ngibheka emuva, ngibona kahle ukuthi ngangimuhle futhi ngaziphuthisela ngokungawubungazi. Ngakho sengikhethe ukuthanda umzimba wami kakhulu kunakuqala," kubhala uMinnie.
Lo mbhalo ubuphelezelwa yisithombe esihle eziphihle ngezimpahla zangaphansi zikanokusho. Baningi abahlabeke umxhwele ngombhalo okubalwa nomsakazi uThando Thabethe, othembise ukunikeza uMinnie izimpahla zangaphansi zelebuli yakhe, iThabooty.
Zimjabulise kakhulu izindaba uMinnie, waveza nokuthi angathanda nokuthwebula izithombe ngale misiko.
Abantu abayingangxanye bengemanzi. Bakhona abavele bamgxeka uMinnie ngokunameka isithombe efake izimphahla zangaphansi. Abanye bahlekisa ngokuphela komshado wakhe, nangokuthi obengumyeni wakhe ufuna amkhokhele imali yesondlo.