UGABE ngosaziwayo umcimbi waminyaka yonke okuhloswe ngawo ukuqwashisa ngokuhlukunyezwa kwabantu besifazane eMacambini, eMandeni, ngalo Mgqibelo, kusukela ngo-9 ekuseni.
Kule ndumezulu, ebizwa ngeSibuyisa Isintu Ingoma Festival, kuzobe kunandisa uSjava Dr Buselaphi, Mzukulu, Saliwa, Malahle, Mjolisi, Jumbo, Khaza, Mjabulisi, Skhenqe, Qoqa, Mxhashazwa, Mcebisi, Mzukulu KaNyathela, Njakayibongi, Ibhova Elincane, Teaspoon, Bhungelisha, Chin'Elihle nabanye. Abaphathi bohlelo kuzobe kungumlingisi weDurban Gen, uNelisiwe Sibiya noZulu Glamour wodumo kuMbuso Wamaciko Podcast.
USjava ukuqinisekisile ukuthi uzobe enandisa kwiSibuyisa Isintu Ingoma Festival.
Umgqugquzeli walo mcimbi, uBrighton "Sfungosamabutho" Shandu (26) weBrighton Shandu Entertainment, uthe lo mcimbi uzobe ubanjelwe esitobhini sakwaMhlongo, ngaseMathubesizwe High, eMacambini.
"Lo mcimbi ugqugquzela ukuziphatha nokuzigcina, uphinde ukhuthaze isintu nokwazi imvelaphi yethu siyintsha yanamhlanje kanjalo nabeza ngemuva njengalokhu ubandakanya izintombi nto, amabutho, ingoma, nomama besigege ngenhloso yokubakhumbuza ukuthi bangobani futhi basukaphi kanjalo babhekephi beyindlu emnyama."
UBrighton uthe lo mcimbi okuzobe sewenzeka okwesithathu, uyisibusiso endaweni yaseMandeni naseMacambini namaphethelo.
"Ngihlose ngawo ukuthi sibumbane, sesekane, sivikelane siyisizwe ngokuhlanganisa ubulili obahlukene. Sigubhe inyanga yamasiko ngezinto ezijabulisa ontanga, siphinde sifunde kukho, njengoba ubandakanya konke lokhu osekubalwe ngenhla.”
Eqhuba, uqhube uthe endaweni yangakubo ayandile imicimbi enjengalena nehlelwa umuntu wesifazane osasemncane futhi osazigcinile naye yize esemehlweni abantu.
"Ngalo mcimbi sifisa ukuveza amathuba kwamanye amaciko namathuba emisebenzi nanokubaluleka kokungakhohlwa ukuthi uphumaphi. Ngakho kubalulekile ukutshala ngakini kuqala.“
Kulo mcimbi kungenwa kuwo mahhala, kanti uqala ngoLwesihlanu kuzobakhona nendlakuse, lapho amaqembu engoma ebulalana ngenqina nangomvumo oqhubeka ubusuku bonke.
UBrighton ube esebonga bonke abamxhasile ukuze lo mcimbi ube yimpumelelo. Esephetha, uthe izithameli zizothola ingqayizivele yethuba lokuwasha amehlo ngobuhle bezintombi nto.
"Izikhali nemifaniswano yepolitiki ayivumelekile," kuphetha uBrighton.