UMLINGISI wakuleli oke waba sematheni ngokukhungathwa yizinkinga emshadweni, yisekhaya, emsebenzini nangokugula ubonga izingane zakhe ezamenza waqina.
USophie Ndaba ubemenywe ohlelweni lwasekuseni iBest Mornings kwiMetro FM lapho egonyuluke khona ngesimo ebesingelula adlule kuso kodwa wathola amandla amasha ngothando alukhonjiswe yizingane zakhe kunzima. USophie zivele zagobhoza izinyembezi uma ebheka emuva nobesekhuthaza abazali ngokubaluleka kokuthanda nokunakekela izingane zabo.
"Bakwethu lalelani izingane zenu, thandani izingane zenu zinhle ziyigugu. Izingane zami zayihlenga impilo yami. Ngaphandle kwabangani kunezingane zami, uNkulunkulu uphambili empilweni yami kulandela izingane zami, ngehluleka uma sekuthinteka zona," kusho uSophie.
Iningi labantu livumelana naye ngalokhu lichaza izingane njengabantu abakwaziyo ukubuyisa ithemba kumuntu.
" Ngiwufakazi walokhu okushoyo, lalela izingane zakho," kusho uWinnie Khumalo.
" Ngobufakazi bakhho ulapheka ngezindlela eziningi. Siyambonga uNkulunkulu ngempilo yakho, engathi angakuphakamisa," kusho uConnie Chiume.
" Mama onezindlebe ukuzwile, noma sekunjani sizozithanda izingane zethu. Uqine ndlovukazi," kusho uJenna Koeries.
" Izingane zakho zizokwenza ubambelele sewubhekene nazo zonke izizathu zokudela konke," kusho uJenna.