UMZWILILI wakuleli owathusa abaningi kuvela izindaba zokuhlaselwa yisifo sohlangothi ephesheya kwezilwandle uzwakalise ukubonga ngokwesekwa ngesikhathi esinzima.
ULira obegubha usuku lokuzalwa, ubonge abantu ngemikhuleko kanjalo nokumeseka, athi konke lokhu ukuthatha njengesibusiso esikhulu kuye. Ngo-Ephreli nyakenye kwavela izindaba zokugula kwakhe okwamhlasela enandisa eGermany, okwanyusa amaphaphu kubalandeli. Ukulokhu efaka izithombe ezikhombisa ukuthi uyelulama kubathokozise abalandeli umhlaba wonke.
"Lolu wusuku lokugcina ngino-43. Ngibuke emuva ubumnandi engibe nabo nyakenye nomndeni nabangani. Beyingekho imicimbi ngingakwazi ukusebenzi kodwa ngiphila ngijabule. Ngiyabonga kakhulu kini nonke ebeningibeka emthandazweni. Impela ngibusisekile. Ngiyanithanda nonke," kusho uLira.
Ukubona le mibhalo ekhasini likaLira kujabulise abaningi njengoba sekucacile ukuthi weluleme namaphaphu ehlile kubantu bethokozela umyalezo.
"Siyakuthanda nathi. Sibonga uNkulunkulu ngempilo entsha. Ubusisiwe ngegama likaJesu. Uluthakasele usuku lokuzalwa mntwana kaNkulunkulu," kusho uThembi Julia.
"UNkulunkulu mkhulu. Ngiyajabula kakhulu ukukubona ukahle kanje," kusho uLetoya Makhene.
"Sibonga uNkulunkulu ngokukusindisa Lira," kusho uSindisiwe Sibanyoni.