IBONGA imikhuleko yabazali bayo inkakha yomlingisi ngokuthola unkosikazi ambona njengowakhe nofanele yena, emuva kweminyaka ehamba ephoxeka kwezothando.
USello Maake kaNcube osanda kuthatha intokazi eyaziwa emakhakheni wezokuxhumana uPearl, utuse imithandazo yabazali bakhe ngokushada. Echaza ngonkosikazi wakhe uSello uthi, uzokwenza konke okusemandleni ukumgcina engowakhe futhi nomshado wabo uyimpumelelo.
"Ngenza ngazo zonke izindlela ukuthi ngihlale ngifanelwe ukuthandwa nguye ngoba ngikholwa ukuthi akekho omunye ongifanele. Ngimthanda ngendlela yokuthi angiyiboni impilo ngaphandle kwakhe. Ungowesifazane owayekhulekelwa ngabazali bami ukuthi ngishadelwe nguye,"kusho uSello.
USello oke washadelwa phambilini, uchaza uthando nomshado wakhe noPearl, njengento abeyilangazelele iminyaka.
"Kungithathe iminyaka ewu-40 ukuthola ofanele, ngihlela ukumnikeza konke okuhle okuhambisana neminyaka. Sohola nemali yesibonelelo sakwaSassa ndawonye," kusho uSello.
Lo mbhalo ushiye abantu belubona ngamehlo enqondo ajulile uthando lukaSello ngonkosikazi wakhe.