USEZEHLISILE wacela uxolo kumethuli wezinhlelo zethelevishini umnikazi wesiteshi seYouTube obesola losaziwayo ngokufaka ngekhanda umrepha wakuleli kwizidakamizwa.
URea Gopana ubhale ezinkundleni zokuxhumana wasola uBonang Matheba ngokuthi uyena owafaka u-AKA kwisidakamizwa sohlobo lwecocaine. Lokhu kwenze uBonang wamthathela izinyathelo zomthetho wamnikeza umnqamulaquju wezinsuku eziyishumi ukuthi amhlawule ngo-R500 000 nokuthi axolise ungakashayi u-4 ntambama ngoMsombuluko.
URea oveze ukuthi lokhu wakuzwa ngomunye umethuli wezinhlelo uScoop Makhathi (Siyabonga Ngwekazi) owamhlebela ngasese. "Ngiyaxolisa kakhulu ngekusho ngoBonang ngoMeyi 9. Ngiyazisola kakhulu ngengikushilo futhi manje ngiyawubona nomonakalo obungenzeka. Ngifundile ephutheni lami kungifundisile ngizokwenza kangcono nasohlelweni ngokuzayo," kusho uRea.
Eqhuba uxolise nakubo bonke abathintekile ngalezi zinsolo okubalwa kubo no-AKA wathembisa nokuthi ngeke aliphinde iphutha elifanayo. Abantu bayazwelana noRea bathi ngoba uyazehlisa kungcono amxolele uBonang angabe esayifuna imali.
UBonang nokho akayingeni leyo njengoba embhalele wathi uselinde imali yakhe.