UMNGANI omkhulu ka-Emmanuel "Mjokes" Matsane, uDJ Mahoota uthe ukhalise okwengane encane ngesikhathi ezwa ngokushona kwakhe.
UMjokes ushone entathakusa ngeSonto engozini yemoto bebuya konandisa emcimbini.
Ubesanda kukhipha ingoma ethi Phanse ngeNdlondlo ngoMeyi 14.
ITrompies ibunjwe nguMjokes, Spikiri, Mahoota, Donald Duck noJakarumba.
"Umfowethu omkhulu uMjokes. Ngikhale njengengane ngesikhathi ngizwa ngokushona kwakhe," kusho uMahoota.
"Ngifunde naye saze saya nasekolishi ndawonye. Yilapho sisungule iqembu lomculo khona ngaphambi kokuhlangana noJaros (Jakarumba) wasifaka kuSpikiri noMdu Masilela eqenjini iMM Deluxe. USpikiri wasifaka njengabadidiyeli nonjiniyela bomsindo. Sasebenza noSenyaka nabanye ngaphambi kokukhipha iTrompies ngo-1992, 1993 no-1994 naye wakhipha eyakhe i-albhamu iCopperhead."
Uchaze uMjokes njengomuntu obezithobile.
"Ubehlukile kunathi. Ubengathandi ukwaziwa, engenandaba nezimpahla ezibizayo nodumo futhi engazifuni izinto eziwubukhazikhaza. Ubethanda ukusiza abantu ebhalela abanye izingoma njengeMafikizolo neBongo Maffin. Usize abantu abaningi."
UMahoota uthe namhlanje kuzoba nenkonzo yesikhumbuzo eBaseline, eNewtown ngo-2 emini. Inkonzo yomngcwabo izoba seDlamini Hall, eSoweto, ngoMgqibelo ngaphambi kokuthi ayobekwa emathuneni aseWestpark Cemetery.
"Kunesivuvu sesithathu seCovid-19 manje ngakho asifuni umngcwabo uyibhebhethekise. Yonke into izosakazwa bukhoma i-ink sizoyifaka emakhasini ethu ezinkundleni zokuxhumana kusasa."