UKUHLALA egcwele ukwesaba novalo ngenxa yobengumyeni wakhe uveza ukuthi yikhona obekumenza afele ngaphakathi umlingisi odalule ukuthi ubeshaywa uDJ obengumyeni wakhe.
U-Enhle Mbali Mlotshwa useshicilele isitatimende wasinameka ezinkundleni zokuxhumana emuva kokuthi uBlack Coffee naye ephumele obala izolo waveza ukuthi uyamsukela ngezinsolo zokumshaya.
U-Enhle uthe akekho vele umuntu ohlukumezanayo owake wazivumela ngokwakhe ukuthi uyahlukumezana. Selokhu ephumele obala u-Enhle uthi uzizwa ezethemba futhi engenavalo manje.
"Angisesabi manje ngifisa sengathi ngingakwazi nokuzibala izikhawu engishaya, engichapha engishiya ngiphuke umoya ngingeyilutho. Njengo mshadikazi ngiyakwazi ukuhlukumezeka emoyeni, nokuhlukunyezwa ngamagama, imali, ngazo zonke izindlela. Ngaphezulu kulowo mshado kuhambisana nokuphinga ngaze ngalala esibhedlela ngelashelwa ukhwantalala," kusho u-Enhle.
Eqhuba uthe leminyaka emihlanu edlule bekunzima kuye nezingane zakhe zihlala zizibonela ngamehlo ehlukunyezwa ekhaya. Uveze nokuthi ngo-2014 wamshaya ngezikhathi ezihlukene ekamelweni labo. Ngonyaka olandelayo u-2015 emuva komcimbi wakhe uBlack Coffee iMusic is King, uthe wamjikijela ngesikhwama kulandela ingxabano ababenayo ngaleso sikhathi emzini wabo omusha. U-Enhle uthi akugcinanga lapho njengoba ebuye wamphinda egubha usuku lokuzalwa.
"Selokhu kwaqala uhlelo lokwehlukanisa ulokhu engisabisa enginswinya nemali ngoba efuna ukungivala umlomo. Angisoze ngachithela inkantolo isikhathi ngidlale nangokuhlukunyezwa," kusho u-Enhle. Ukukhuluma kwakhe uthe ufisa kube yisibonelo nesifundo kumadodana akhe azi ngobubi bodlame olubhekiswe kwabesifazane. Yize ebengafisi ukukhuluma ngezinkinga zomshado wakhe kodwa uveze ukuthi ubona kuzosiza nabaningi, wabonga nokwesekwa akuthola kwabanye abantu besifazane.