UMREPHA u-AKA usephumele obala wadalula eminye imininingwane ngobudlelwano bakhe nengoduso yakhe engasekho emhlabeni u-Anele Tembe.
U-AKA ube nengxoxo nentatheli ye-eNCA uThembekile Mrototo njengendlela yokuphumela obala aphendule imibuzo abantu abanayo ngobudlelwano bakhe no-Anele ngoba ufuna akhunjulwe ngendlela efanele.
Lo mrepha uqale ngokuveza ukuthi kusabuhlungu namanje ukushonelwa yingoduso.
“Kunzima emndenini (kowakhe nowakwaTembe). Bengingafuni ukukhuluma ngezindaba zami emphakathini, bengifuna ukuzila kodwa ngicabanhga ukuthi imibiko evele emasontweni ambalwa edlule iyangiphoqa ukuthi ngizophendula imibuzo yabantu ngicacise ngakho konke ukuze ngivikele isithunzi sika-Anele,” kuchaza u-AKA isaqala ingxoxo phakathi kwabo.
U-AKA uthe ngosuku okwashona ngalo u-Anele eCape Town ngo-Ephreli 11 babeye khona ngenxa yomsebenzi futhi baba nosuku oluhle. Baya eV&A Waterfront, bahlangana nabangani badla isidlo sasemini, baya nasezitolo bathenga izimpahla.
“Ngemuva kwalokho saya emsebenzini, sabuya ngabo-11 ngenxa yomthetho we-Covid-19. Sabuya nabangani, basishiya ngemuva kwesikhashana. Ngaphambi kokuya eKapa, ngalelo sonto sasixabana kakhulu no-Anele, kodwa ngenxa yosuku oluhle esaba nalo sakhetha ukuzama ukulungisa izinkinga zethu sesisele sodwa njengondoda nomfazi ngoba ngase ngimlobolile,” kusho u-AKA.
Uthe bahlala phansi bakhuluma kodwa kwagcina sekuphakama imimoya futhi bexabana kwaze kwaba sezintatha ekuseni.
Ngenxa yalokho wakhetha ukusuka eduze kwakhe ngesikhathi isimo sesishuba kakhulu phakathi kwabo.
“Ngakhetha ukuthi ngizothatha izinto zami ngithole elinye igumbi lokulala, ngithemba ukuthi izinto zizoba ngcono kodwa saqhubeka saxabana, sakhuluma amazwi angemahle waze wangijikijela ngeringi, okwangiphatha kabi kakhulu. Yilapho engakhetha khona ukuthi sengiyaphuma egumbini aye kulo. Ngabuyela kulo ngoba ngiphuma neselula yakhe...saqhubeka nokuphikisana ngezinto,” usho kanje.
Uthe ngaleso sikhathi u-Anele wayeseqalile ukusabisa ngokuthi uzozibulala. Uthe wathinta i-reception yehhotela ukuze athole usizo konogada, ngemuva kwalokho wayengasafuni ukuba kule ndawo ngakho waya ethoyilethe. Uthe uma esephuma ethoyilethe wayesengekho egumbini labo u-Anele.
“Ngaphuma ngayombheka kwi-balcony, ngabheka phansi emgwaqeni nokuyilapho engambona khona...”
Lo mrepha uthe akazi ukuthi ingoduso yakhe yazithanqaza nini phakathi kwesikhathi esakhuluma nocingo nangesikhathi engena ethoyilethe ngoba wagcina ukuyinaka ngesikhathi bephambana endlini ithi iyozibulala.
Uthe akekho umuntu wasehhotela oweza ukuzomsiza ngemuva kokubathinta.
Ebuzwa ngezinkinga abebebhekene nazo, uvumile ukuthi inkinga bekuwukuvutha kothando phakathi kwabo, obekubuye kudale umsindo phakathi kwabo. Uthe uncamela ukungazinekeli izwe izinkinga zabo ngoba akasekho emhlabeni u-Anele kodwa uyafisa ukuguqula indlela aziphatha ngayo, okuyinto emudla nsuku zonke.
“Engikwaziyo kodwa ukuthi angiyena umuntu ohlukumeza abanye. Angikaze ngimhlukumeze u-Anele, bengimphathisa okwegolide, ubeyikho konke kimi futhi usayikho konke kimi.”
Lo mrepha ukuvumile ukuthi u-Anele wayengaqali ukumsabisa ngokuthi uzozibulala. Uthe wake wasabisa ngokuzibulala emzini wakhe, wake wamsabisa ocingweni futhi wake wazama nokuzibulala ehhotela eThekwini. Uthe ngaphandle kwalokho u-Anele uke walulekwa ngokomqondo kodwa wayengazitsheli ukuthi ngosuku ashona ngalo wayezokwenza ngempela.
“Engqondweni yami ngangikholwa ukuthi uma ngiphuma ethoyilethe ngizomfica egumbini,” usho kanje.
Uthe uyazisola ngokuningi okwenzeka ngalolu suku ngokunjalo nasebudlelwaneni babo.
Ngemuva komngcwabo ka-Anele kwasabalala izithombe namavideo ashaqisayo kuvela u-AKA egqobhoza isicabha engena egumbini u-Anele ayezivalele kulo. Ebuzwa ngale video u-AKA uthe akasakhumbuli kwenzekani ngalolu suku kodwa uyazisola ngokwenzeka.
“Ngiyakhumbula ngigqobhoza umnyango kodwa angisakhumbuli sasibangani, ngiyacabanga ukuthi kwamethusa kakhulu lokho futhi ngiyazisola ngendlela engaziphatha ngayo, inhliziyo yami iba buhlungu uma ngicabanga ngakho ngoba ngenza iphutha.”