UMREPHA wakuleli osanda kushonelwa yingoduso u-AKA uthi namanje kusenzima ukubhekana nomshophi osanda kumehlela.
Lo mrepha uphefumule okokuqala kwabezindab ngokushona kwengoduso yakhe u-Anele “Nellie” Tembe, owashona ngo-Ephreli 11 emuva kokushayeka phansi esuka ebhilidini lehhotela laseCape Town, iPepper Club Hotel.
Esitatimendeni esakhishwa umndeni wakhe nowakwaTembe ngaleso sikhathi kwavela ukuthi lo mrepha akekho esimeni esihle ngokomqondo nokwabiza ukuthi bamqaphe abasondelene naye.
“Usuku nosuku kuba sengathi ngiqwala intaba. Ngimkhumbule kakhulu u-Anele, ngibuhlungu ekujuleni kwenhliziyo yami ngampilo ebesihlele ukuzakhela yona,” kusho u-AKA.
Lo mrepha ulobole uNellie ngenyanga edlule okuyizindaba ezathakaselwa abalandeli babo abaningi kuleli.
“Ukushona kuka-Anele kungithikamezile emoyeni nangokomqondo. Izinkulumo ezakha isithombe esingesihle ngami (kulolu daba) zikwenza kube nzima ukubhekana nalesi simo, angikwazi ngisho ukukhuluma ngengcindezi imindeni yethu edlula kuyo,” kuchaza yena.
U-AKA uthe usazohoxa ezintweni ezithinta umsebenzi wakhe, okubalwa kuzo namakhasi ezinkundla zokuxhumana athe asaphethwe yithimba asebenzisana nalo okwamanje. Ubonge bonke abamesekayo kulesi sikhathi esinzima ngokunjalo nabantu abamthumele imiyalezo yokududuza yena nemindeni yabo.
U-AKA uphawula kanjena nje ngesikhathi kufihlwa ingoduso yakhe, uyise uMoses Tembe wayikhahlela ngazo zombili imibiko yokuthi indodakazi yakhe ibinokhwantalala nokuthi ibinemicabango yokuzibulala. Kunalokho wathi intsha yakuleli ihlaselwa usathane ngezidakamizwa nophuzo oludakayo.
Amaphoyisa asaphenya ngokushona kuka-Anele Tembe.