Isangoma saseMlaza sesiphenduke isilomo ngomsebenzi waso nangama-video amahlaya abantu abashiyelana ngawo ezinkundleni zokuxhumana.
USimangele Mhlongo ongumama kaNtokozo, Lizwi noSbonelo "Chicken" Mhlongo, waqala engalangazelele nyakenye, eqoshwa i-video yindodana yakhe uChicken, owamthatha esamatasa nokubhulela umuntu esigodlweni.
Lokhu akwehlanga kahle kuSimangele waze wayithembisa isibhaxu indodana yakhe kanti sekuwukuqala kodumo lomndeni waKwaNjomane.
Ikhasi labo elinama-video elithi KwaNjomaneh kwiFacebook, selinenqwaba yabalandeli.
"Ubehlala engihlupha eqopha ama-video kodwa ngalelo langa ngezwa kuthiwa sengigcwele kwiFacebook nakuTik Tok, ngadinwa kakhulu ngaze ngaxabana naye, ngifuna ukumshaya. Ngabuye ngaxola esengikhombisa ukuthi abantu bayithandile i-video, kabahlekisi ngathi. Ngaba nokungabaza kodwa ngasale sengimyeka elokhu engintshontsha uma ngithetha ngoba impilo esiyiphilayo le abantu asebeyibona kuma-video," kusho uSimangele.
Kusukela lapho udumo lwabo ludlondlobala nsuku zonke njengoba abantu bethanda nendlela aphethe ngayo amathwasa akhe ayisithupha.
"Ukuthwasa kuyawugqilaza umphefumulo, kuyawukhandla nomzimba yingakho ngifuna amathwasa azizwe esekhaya. Nginayo imthetho engiyibekile ngoba sihlangene ngomsebenzi wedlozi kodwa angifuni ubunzima engabuzwa ngabanye abantu abangena ekuthwaseni abadlule kubo. Yingakho ngihlala ngithi akungabi yijoka ukuba isangoma," kusho uSimangele echiphiza, kuvuka amaminithi.
Akagcini nje ngokuba isangoma kodwa unezindawo zokuzicwala amakhanda eKapa naseMlaza.
Udumo lwakhe selimvulele amathuba nasendimeni yokulingisa. Isolezwe lithole ngomthombo ongashayi eceleni ukuthi uSmangele usengene ekulingiseni.
Ngokusho komthombo, useqalile ukuqopha nomdlalo oqoshelwa eThekwni. Ebuzwa ngalokhu, uSimangele akaphikanga futhi akavumanga. Ephetha, uveze ukuthi konke kuyimizamo yendodana yakhe nafisa ukuthi ngelinye ilanga babe nohlelo ngempilo yaKwaNjomane.