OYISIHLABANI somculo wekwaito, uBonginkosi "Zola 7" Dlamini, usehlala elele embhedeni ngenxa yesifo sokuwa. UZola, wodumo lwengoma ethi Umdlwembe nethi Ghetto Fabulous, udalule usizi lwakhe ngesikhathi ekhuluma kwiPodcast & Chill with MacG, okuwuhlelo olwethulwa nguMacGyver "MacG" Mukwevho, kwiYouTube.
Le ngwazi ebingaconsi phansi eminyakeni edlule ithe yaqala ukubona ukuthi inesifo sokuwa, eminyakeni emithathu edlule. Uthe wayevele asacazeke phansi engalindele.
"Ngangivuka. Kuthi kungakapheli namahora amabili ngivele ngiwe, “ kusho uZola.
Uthe waya esibhedlela, wafike watshelwa ngodokotela ukuthi unogesi ekhanda maqede bamxilonga ngemishini.
"Bangitshela ukuthi kuzomele ngihlale ngihamba ngezinyawo ihora elilodwa."
UZola uthe isimo sakhe sesibucayi ngale ndlela yokuthi useze wathatha isinqumo sokuba angaphinde ashayele ngoba uzogcina edale inhlekele yengozi emigwaqweni.
"Muva nje lesi sifo sike sangibamba ngiphuma eZola, ngiyongena eKhwezi. Ngebhadi bengihamba ngedwa emotweni."
Uthe ngenxa yengozi ulahlekelwe uR60 000 ngenxa yezindleko zokukhanda imoto yakhe elimale yaphela. Eqhuba uthe wehlelwa yile ngozi nje uhamba ngemoto abeyiboleke komunye umuntu ngoba neyakhe ibulawe yiso lesi sifo.
Uthe abezindaba baze babika ukuthi uphuthunyiswe esibhedlela egula kabi kanti wavukwa ngamangongwane esemgwaqweni, kwavele kwenzeka ingozi. Lo mculi oseke wazungeza amazwe uthe useke wahlabeka kwakubi impela.
"Ngonyaka owedlule ngike ngagula kabi ngisekhaya, ngiqhaqhazela." Uthe indlela abexineke ngayo iningi labantu bese linovalo lokuthi usezohamba emhlabeni. "Bengingasakwazi ukudla ngendlela. Sengiphila ngokuphuza amahewu, idokwe nenhlanzi."
Uthe usephila ngokuphuza amaphilisi amabili ekuseni namabili ebusuku. Ephetha uthe ingoma ayiqopha noCassper Nyovest ethi Bonginkosi nethi Hlengiwe waziqopha kunzima kangangoba wayephoqeleka ukuba elokhu ema kwaze kwaba ngamahlandla awu-25. Uphethe ngokuthi kunosuku angakwazanga ukuya nasenkantolo ngoba wayesexinwe yikho ukugula.
UZola waqala ukuzakhela udumo ngesikhathi elingisa indawo kaPapa Action wesibili kwiYizo Yizo 2. Yilapho agqama khona njengomculi ngengoma ethi Ghetto Fabulous ngaphambi kokwethula izinhlelo ezihlukene zethelevishini, okubalwa iZola on Take 5, Zola 7, Hope with Zola neTatakho. Ubenza uhlelo lwantambama kwiMassiv Metro (online radio). Ubuye walingisa efilimini eyahlabana kuma-Oscar Awards eyayithi Tsotsi futhi kwakudlalwa umculo wakhe. Ikusasa lakhe liqale ukucikizela endimeni yezikaqedisizungu ngesikhathi engaboni ngaso linye nenkampani ayeqopha kuyo iGhetto Ruff.