EMUVA kwesikhathi eside engathi vu ngodadewabo, uKelly Khumalo uphumele obala okukuqala wathi sebekhumelene umlotha ngemuva kwesikhathi eside beyinkukhu nempaka.
UKelly usho kanjena nje, abantu bakuleli basashaqekile ngezinsolo eziqhamuke enkantolo okuqulwa kuyo icala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, lapho ummeli wabasolwa ngokubulala uSenzo ethe kunofakazi ozoveza ukuthi udadewabo kaKelly, uZandi wake walala noSenzo ngesikhathi behlala endlini eyodwa eGoli.
Ekhuluma noSol Phenduka kwiKaya FM 959, uKelly uthe ukungazwani kwabo kwakudalwa yizinto ezaziphathelene nemali nomsebenzi wabo wokucula.
"Ngicabanga ukuthi besilidinga leli khefu ngoba uma senisondelene kakhulu ugcina usulahlekelwa wubuwena. Besikudinga ukuqhelelana, aphile ezweni lakhe nami kwelami, bese kuba nezwe elilodwa uma sesihlangene," kusho uKelly.
Ukubeke kwacaca ukuthi bekungelula ngesikhathi beyinkukhu nempaka ngoba ubecasulwa ngabangani bakhe ebebeqhubeka nokuzwana naye.
"Ngake ngabiza nomhlangano, ngithi abantu mabakhethe. Ngabatshela ukuthi anginankinga uma bekhetha ukuba ngakudadewethu, kodwa oyedwa wangibuza ngokuthi bokwenzenjani mzukwane saxolelana. Nomama naye ngamchazela ukuthi akunankinga uma engakuyena," kusho uKelly.
Uzehlisile wathi lokhu wayekwenziswa wukudinwa nje, kodwa konke lokhu sekudlulile.
UKelly uthe ukuba sematheni kwabezindaba sekwaba into ayamukela. Yize kunjalo kodwa uthe zikhona izindlela azisebenzisayo ukumelana nezinkulumo zabamqokovulayo. Uveze nokuthi abanye abantu basuke bezama ukuziqinisa ngaye ezinkingeni ababhekene nazo, okwenza angazikhathazi kakhulu ngabo.
Ebuzwa mayelana nobuhlungu abuzwayo ngokushonelwa wuSenzo nokuthi kuyenzeka yini amphuphe, uvele wagonyuluka.
"Ngike ngaba nazo lezo zikhathi kodwa sekwaba ngcono. Ngafunda ukuphila nakho. Ngiyamphupha. Uyafika angivakashele isikhathi esiningi," kusho uKelly.
Echaza ngegama lakhe alethiwa kubo elithi Nonhlanhla, uthe lihambisana nse nokwenzeka empilweni yakhe.
"Ngicabanga ukuthi nginenhlanhla ukuthi nginqobe konke obekumele kungidicilele phansi futhi ngibona kuyinhlanhla nokuthi nginalezi zinto enginazo,"kusho uKelly.
Ephetha uthe kubuhlungu ukuthi udaba lwakhe seluphenduke inhlekisa nehlaya kwabanye, bakhohlwe wukuthi kunemndeni eyahlukumezeka.