UKUSEBENZA ngabantu emsakazweni abahlale bembalisela ngezimo ababhekene nazo kushaye kwazwela kumsakazi wakhipha ingoma ekhuza udlame lobulili iGender Based Violence (GBV). UZandile Zeal Dladla waseMlaza wohlelo Faka Umoya olungena ngoLwesihlanu ebusuku, unengoma ethi Ingane Le ayenze ngokubambisana noDJ Sox noC sharp. Le ngoma ihambisana nomyalezo okhuza abantu ngodlame okubalwa ukuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane. UZeal uthe le ngoma ihambisana kakhulu nempilo yakhe ngoba noma engakhulumi ngaye uqobo kodwa zikhona izinto ezenziwa abantu ezike zamhlukumeza.
" Imisakazo, uhulumeni, amaphephandaba nsuku zonke bakhuza lesi sihlava kodwa kuba sengathi yilapho sibhebhetheka kakhulu. Akulula ukulwa neGBV kodwa sidinga ukusukuma sonke silishumayele ivangeli lokuhloniphana, ukuvikelana nokusizana singabantu. Kuzoba lula ukuvikeleka kwezingane uma sishintsha indlela esenza ngayo njengabantu nokuyinto engifuna ukuyishumayela ngomculo," kusho uZeal.
Ngaphandle kohlelo lwangoLwesihlanu uphinde be nohlelo oluthi Ndabezinhle lwangeSonto entathakusa nokuwuhlelo aluqambe ngendodana yakhe athi iyisibusiso esikhulu kuye. UZeal uneziqu ze-Bachelor of Arts ezigabe nge-International Relation in Social Sciences azithweswa eWits nokwavumbulula ikhono lakhe lokusakazi noma kuyinto ayengazitsheli ukuthi angakwazi ukuyenza.
UZeal ngaphambi kokusebenzela uKhozi FM ubesebenzela imisakazo yesiNgisi okubalwa iMetro FM esakaza uhlelo i-Urban Beat kusukela ngo-2007-2013, i-East Coast , Vuma FM neminye yemiphakathi.
Ephetha uZeal uthe isifiso sakhe esikhulu nento ayikhulekelayo ukuthi ngelinye ilanga athole uhlelo lwasemini uma kuvela ithuba. Yize esemsakazweni kodwa ukhonze ukunandisa abe wuDJ emicimbini ehlukene. Ukusebenzela umsakazo akuwona njengamanje uthe kumfundise okuningi ngesintu namasiko nokuyinto ayibukela ngisho kozakwabo.