UZITHINTELE owoKhozi FM eqamba izinja zakhe ngamagama omaskanda maqede wawadalula kwiFacebook.
U-Ayanda Melansi, onguphrojusa wohlelo iJabul’ Ujule oludlala kuKhozi FM nolushayelwa nguDudu “ Lady D” Khoza, ucasule abaculi bakamaskandi, ngenkathi edalula ukuthi izinja zakhe zinamagama afana nawabo.
Ubhale kwiFacebook ezwakalisa ukukhathazeka ngokugula kwezinye zezinja zakhe, athe uthole ukuthi ngesikhathi ziyohlolwa kuvele izinsolo ezithi zidliswe ushevu. U-Ayanda ubethe ukhathazekile ngokugula kwezinja zakhe, okunguNtencane noNyonemhlophe. Kuyona iFacebook kukhona obuze ku-Ayanda isizathu sokuqamba izinja zakhe ngamagama omaskandi, waphendula ngokuthi akunasizathu kodwa ngamagama awathandayo.
Udalule nokuthi empeleni bezinhlanu izinja zakhe sezizonke, okunguMfazomnyama, Mgqumeni, Nyonemhlophe, Ntencane noSgwebo Sentambo. Uthe kodwa uSgwebo Sentambo noMgqumeni sebathengwa, usesele nezinye.
Kuthintwa uSgwebo Sentambo ngalolu daba, uthukuthele wagana unwabu, wathi kumele u-Ayanda asho ukuthi ufunani kuyena usengaze aqambe inja yakhe ngegama lakhe.
“Ngeke ngikwazi ukuthula ngale nto eyenziwe ngu-Ayanda ngoba ngiyabona ukuthi unenkinga nami. Wake wangitshela emehlweni ukuthi akangithandi. Manje usezoqamba inja, ngami. Ngifuna angichazele ukuthi ufunani. Ngeke ngithule nje enza le nto. Ngeke futhi ngimncenge ngoba ngisaba ukuthi umculo wami kawuzodlalwa kuKhozi ngoba vele kawudlalwa,” kusho uSgwebo Sentambo.
USgwebo Sentambo usho kanje maqede waqopha i-video wayifaka ezinkundleni zokuxhumana echapha u-Ayanda Melansi ngenhlamba.
UNdlemnyama waBafana bakaMgqumeni, uthe okwenziwe ngu-Ayanda kungubukela phansi omaskanda.
“Uma kungukuthi la magama uyawathanda, kungani engaqambanga izingane zakhe ngawo kunokuthi aqambe izinja? Angimazi ukuthi uhloseni ngale nto,” kusho uNdlemnyama.
UNyonemhlophe uthe usamangele ngesenzo sika-Ayanda.
“Kufana nokuthi usithukile ngoba kuyacaca ukuthi usibona siyizinja. Kuyadumaza ukuthi akhombise ukubukela phansi umculo kamaskandi ngalolu hlobo,” kusho uNyonemhlophe.
UNtencane uthe yena akaboni lutho olubi futhi ubengeke u-Ayanda afake negama lakhe uma kungukuthi ubeqonde into embi.
“U-Ayanda ngudadewethu. Ngiyamhlonipha naye uyangihlonipha. Ngisho kukhona inkinga enginayo ngiyaxhumana naye, ngifune iseluleko,” kusho uNtencane.
Ethintwa u-Ayanda, uthe ngeke esakwazi ukuphawula ngalolu daba.
“Into esingicasula wukuthi uSgwebo wenze ne-video engichapha ngenhlamba. Akaqhubeke enze ngendlela abona ngayo. Mina ngisamile ekutheni bengikhuluma ngezinja zami engikhathazekile ngokugula kwazo,” kusho u-Ayanda.