OWAYENGUNOZINTI wePirates neChiefs osewathatha umhlalaphansi, uBrilliant Khuzwayo, uthi ubonga isinqumo asithatha sokudlala ibhola njengento eyamsiza ukuba angangeni ezidakamizweni.
Lokhu ukusho ngesikhathi exoxa neSolezwe mayelana neBoot Camp azoba nayo ngoMgqibelo, eManzimtoti, ahlose ngayo ukululeka nokuqwashisa abafana abasebancane ngezidakamizwa.
"Ibhola lingihlenge ezintweni eziningi. Nginesiqiniseko sokuthi ukube angizange ngidlale ibhola ngabe kade ngashona noma ngagcina ngingene ezidakamizweni. Lokhu ngikusho ngoba sengibone inqwaba yontanga bami nezingane ziphelelwa ikusasa ngenxa yotshwala nezidakamizwa," usho kanje.
UBrilliant uthi ukholelwa esishweni esithi “lugotshwa lusemanzi”, yingakho bezobe beqoqa abafana abaneminyaka engu-8 kuya ku-9 ukuze bezokhuluma nabo.
I-Brilliant Foundation okungeyakhe uthe izobe ibambisene neZanok'phila Foundation eyasungulwa nguThabsile Khuzwayo ongowokudabuka e-Adams, ukulwa nalesi sihlava. Uphinde wathi kuzobe kukhona izihambeli ezifana noLinda Sibiya, Mfu Vusi Dube nabanye.
"Kuzobe kungekhona ukuthi kuzokhulunywa kuphela kodwa kuzobe kunezinto eziningi ezizojabulisa abantu abasha. Abafana abancane bazothola nethuba lokudlala ibhola, baphinde babuze nemibuzo kwizihambeli ezizobe zikhona," kuqhubeka yena.
Uphinde waveza nokuthi amakhempu afana nalawa bafisa ukuthi bagcine sebewenza noma kane ngonyaka ngoba yinqwaba yezingane ezikhula zingenabo obaba, zihlala nogogo bazo, lokho okuholela ekutheni zisheshe ziphume esandleni.
"Isiqubulo sethu wukwakha indoda eqotho, ngoba sikholelwa ukuthi angeke yakheke indoda eqotho uma sizokhuluma nabo kanye bese siyabashiya. Badinga ukuthi silokhu sibuya njalo sizobakhumbuza, siphinde sibagqugquzele."
Le khempu izobe ingoMgqibelo, eHutchison Park, eManzimtoti, ngo-9 ekuseni, kanti imali yokungena uR350 ikhanda lomuntu.