UMNIKAZI wenkampani ekhiqiza amateki kuleli iKicks Sportswear, umemezele ukuthi usezinhlelweni zokwenzela umlingisi umcimbi wokuqoqa imali.
UMhaule uthe bazimisele ngokuvula ikhasi elisha yize bebesematheni mayelana nempi yezomthetho eqhubekayo ngemva kokubopha uMakhadzi. Basola umculi ngokungayigcini imibandela yenkontileka yabo yokuxhaswa ngohlobo lwamateki, iKhokhova.
Echaza kabanzi uthe akusekho abazokukhuluma nabezindaba ngalokhu kodwa sekusezandleni zomthetho futhi sebeqhubekela phambili nekusasa lenkampani ngoba sebekhiphe uhlobo olusha, iChampionX.
“Indlela yebhizinisi eNingizimu Afrika, ingachazwa njengaqondile futhi yilokho okwenzeke nakweyethu inkampani. Yize kunjalo nezingqinamba nobuhlungu bokukhula kodwa ayikasipheleli intshisekelo yokwenza esasikuhlosile,” usho kanje uMhaule.
Mayelana nomcimbi wokuxhasa uVusi Thanda osanda kuphumela obala ngobunzima abhekene nabo, uthe bahlanganyele nenxanxathela yezitolo, iMall of Africa, okuyilapho bezowenzela khona umcimbi.
Kuhlelwe ukuthi umcimbi ube ngo-Okthoba 29, kanti inhloso wukuqoqa imali yokutholela uThanda umuzi futhi uzobe uzinyaziswe osaziwayo abanjengoBrian Themba, usomahlaya uMashabela Galene, umculi wokholo uJessica Mbangeni noDJ Sbu.
“Isu lokwenza umcimbi lisifikele emuva kokubona i-vidiyo kababa uVusi Thanda, ecela usizo ezinkundleni zokuxhumana. Njengomkhiqizi ozalwe ngesikhathi esinzima seCovid-19, siyayazi into akhuluma ngayo,” usho kanje.
Uthe eminye imininingwane ngomcimbi bazoyimemezela ezinkundleni zokuxhumana uma sekusondele usuku.